
Iyaqonga ingcindezi kwele ntombazanyana (7) enukubeziwe
ISIBALO sabasayinde isicelo sokuba intombazanyana (7) eyadlwengulwa ukuba ithole ubulungiswa sesifinyelele kubantu abawu-673,564 ezinkundleni zokuxhumana.
Le ntombazanyana eyaziwa ngelikaCwecwe kubikwa ukuthi yadlwengulwa emagcekeni esikole eBergville College, eMatatiele, e-Eastern Cape.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka ngo-October wangonyaka owedlule ngesikhathi uCwecwe elinde imoto ezomthatha imyise ekhaya esuka esikoleni esizimele.
Kusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuba unina wale ngane echaze konke ngosekwenzekile, nalapho eveze khona intukuthelo ngendlela isikole obufunda kuso ingane esisingethe ngayo lolu daba.
Ekhuluma kwiPodcast unina wengane naye oyisisulu sokuhlukunyezwa uthe isikole sehlulekile wukuveza umenzi wobubi nasekusizeni ngophenyo.
Uthe esikhundleni sokuziza isikole siqoke ukuthi sibanike incwadi yokuthi ingane iye kwesinye isikole, nakuba bebengazange bayicele njengomndeni.
UMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uqoke ukuba lesi sikole sikhishwe ohlwini lwezikole.
UNgqongqoshe, uFundile Gade umemezele lesi sinqumo ngoLwesihlanu, wathi ukwenqaba ukusebenzisana nabomthetho yikho okuholele ekukhishweni kwaso ohlwini.
UNgqongqoshe wezeMfundo kumaBanga aPhansi, uSiviwe Gwarube uqinisekisile ukuthi uyaxhumana nabezemfundo kulesiya sifundazwe.
Wathi bazoqinisekisa ukuthi umndeni uthola ubulungiswa. Kanti noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu usetsheliwe ngalei cala, namaqembu ezepolitiki okubalwa iMKP ne-EFF azwakalise ilaka lawo nawo.