Izindaba

Owodumo lwaVan Damme ukhalela itoho kuMaspala

UMCULI kaMaskandi uMroza Fakude, ukhala ngokukhishwa inyumbazane nguMasipala wangakubo eJozini.

UMroza ukholelwa ukuthi umphathi dolobha uMfananaye “Naye” Mathe, uyamlisa.

UMroza wakhela udumo ngengoma eyaduma ngokuthi uVan Damme eyahlukanisa unyaka ngo-2016, iSABC Summer of the Year. Kwaqopheka umlando njengoba waba ngowokuqala ngqa ukuhlukanisa ngoMaskandi. Uthe iMeya isebenzisa amandla ayo ukumukhaphela.

Lo mculi waseMkhuze, ngaphansi kwamaspala iJozini, eKZN uthe umaspala awumuniki imali emfanele. Ukhala ngokuthi bayaqashwa abanye abaculi bakwezinye izindawo baholelwe imali ebalungele kodwa yena lutho.

“Okungiphatha kabuhlungu ukuzitshwa umaspala, uma bengiqasha bangikhokhela imali encane bakhale ngokuthi abanayo imali eyanele. Banginika imali engango R5000 noma R10 000, kodwa ngazi kahle ukuthi abanye abaculi babakhokhela uR30 000.

“Anginayo inkinga nokuthi baqasha abanye abaculi, kodwa ngifisa ukwazi ukuthi iyiphi inkinga ekhona phakathi kwami neMeya, ukuze ngixolise uma kukhona la ngoba khona,” kuqhuba uMroza.

Ubike ukuthi ujwayele ukukhokhelwa imali emfanele uma emenywe abanye omaspala, noma emcimbini. Uveze nokuthi waqashwa ukuyokhankasela iqembu leMeya ezinyangeni ezedlule, wabiza uR30 000 okwimanje akakawutholi.

IMeya yaseJozini uMfananaye “Naye” Mathe, utshele iDaily Sun ukuthi uMroza omunye wabaculi abaningi eJozini kodwa uyena oqashwa kakhulu kunabanye, lezi zinsolo ziyamethusa.

“Ngicabanga ukuthi uMroza udinga usizo oluphuthumayo angaze alimaze igama lakhe emculweni. Ngibona sengathi uyasetshenziswa. Ufana nendodana kumina, uma kukhona inkinga kumele eze kumina angangikhulumi kanje. Angalwi nami ngoba ngiwusopolitiki ngingeyena umculi,” kubika uMathe.

UMathe uveze nokuthi ubengazi ukuthi uMroza akakhokhelwanga ngesikhathi kukhankaswa.

Related Articles

Back to top button