Basulwe izinyembezi abakhahlanyezwe izimvula eMphithi
Musa Mkhize
KUBE yinjabulo yodwa ngesikhathi izakhamizi zaseMgungundlovu, kwaZulu-Natal ezakhahlanyezwa yimvula zisulwa izinyembezi.
Kuhlangame uphikho lwe-Disaster Management ngaphansi kukamasipala waseMsunduzi ubambisene nomnyango wezokuBusa ngokuBambisana iziNdaba zoMdabu, inhlangano engenzi nzuzo iRed Cross benikele ngezipho nezimpahla kumphakathi waseMgungundlovu.
Bekuhlomula labo abahlukumezwa imvula ngesonto eledlule. Lo mcimbi ububanjelwe ezigcemeni ezihlukene ngaphansi kukamasipala waseMsunduzi ngoLwesihlanu.
Ngenxa yokuthi baningi abantu abakhahlamezwe imvula enomoya onamandla, lezinhlaka zisebenze ngokukhulu ukuzinikala ukuze umphakathi uthole ukusizakala.
Kumasipala waseMsunduzi kubikwa umonakalo obangwe imvula enomoya onamandla ezindaweni ezihlukene ongaphezulu kuka-368, kwizigceme eziwu 21.
Izindlu ezidilikile zawa bhu ziwu-57 kanti iziwu-2311 ziphephukelwe imipheme.
Kuvuke umunyu kumama uBusisiwe Duma (58) waseVulindlela ngesikhathi emukela izipho, uthe kuyamjabulisa ukuthola lezi zipho ngoba ubengenalutho konke abenakho kwashabalala nesikhathi sesiphepho.
“Indlu yami yodaka yaphephukelwa umpheme yaphinda yadilika yonke, kwiyimanje ngihlala nezihlobo kanye nabantwana bami abahlanu, omunye kubona ukhubazekile nami angisebenzi, siphila ngemali yakhe yesibonelelo sikahulumeni impilo inzima. Ngiyathemba ukuthi uhulumeni uzosakela maduze izindlu njengoba besithembisile ngoba ngeke ngihlale emizini yabantu unomphela” kubika uDuma.
UDuma uthe ucela usizo kumphakathi ngayo yonke indlela. Uthe abasitholanga isikhathi sokuqoqa izimpahla zabo ngoba imvula enomoya onamandla yavele yafika bengalindele baphuma bengaphethe lutho futhi base sebephephisa izimpilo zabo. Konke abebe nakho kulinyazwe imvula.
Umphakathi uthole izipho okungu kudla, oblankethi, amaduvethi, izipontshi kanye nokunye.