Uhoxe ngomzuzu wokugcina uMia Le Roux kuMiss Universe
Sane Mseleku
UMISS South Africa uhoxe ngomzuzu wokugcina kumqhudelwano kaMiss Universe, ngenxa yokugula okuvuke isigubhukane.
NgoLwesihlanu ekuseni kusabalale isitatimende kwabezindaba sithi: “Kubuhlungu kakhulu ukudlulisa lezi zindaba zokuthi uMia Le Roux, onguMiss South Africa uhoxile kumqhudelwano ngesimo sempilo esingasihle”.
Ithimba lika Miss SA likuqinisekisile lokhu. ULe Roux wahamba emasontweni amabili adlule ukuya kumncintiswano wonobuhle wazwelonke, obanjelwe eMexico.
Lo mncintiswano uzophothulwa ngeSonto ekuseni, (ngesikhathi sakuleli).
“Ngibonga ngiyanconcoza, ngokungeseka kwe South Africa yonkana ngesikhathi ngiku mqhudelwano ka zwelonke. Bekungelula ukuthatha lesi sinqumo, izifiso, amathemba nama phupho ebeninawo ngami.
“Nakuba kunjalo, ngiyabonga kakhulu ukuthola ithuba lokuthi ngibhekane nempilo yami, ngilulame ngokuphelele ukuze ngikwazi ukusebenzela isizwe sami kahle,” kuqhuba uLe Roux.
Ithimba lika Miss SA liqhube lathi uLe Roux, owaqopha umlando, ukhombise ukuzinikela nokuzethemba kulesi sikhathi sobunzima.
“Impilo yakhe, nokululama kwakhe yikhona okuhamba phambili futhi okubalulekile. Simi naye kwisinqumo sakhe, siyameseka ukuthi athole ukulapheka nokululama okuphelele, athole amandla okubuyela esimweni sakhe. Izinhliziyo zethu zinaye njengoba ethatha igxathu lokuzilapha,” kusho isitatimende.
Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, uMia Le Roux washo ukuthi njengoba enenkinga yokungezwa kahle, kuzoba nobunzima ekuxhumaneni kahle.