OweGagasi FM ulandele uPenny Ntuli eGoli
Bahle Mkhize
KUHLEKENE inhloko nesixhanti iGagasi 99.5FM lishiywa uDawud Phungula obheke eGoli nosezobonakala kuSoweto TV.
Le ntatheli eneminyaka engu-29 nedabuka eNtshanga ibisisebenze iminyaka emibili kulo msakazo ozinze eCornubia ngaseMhlanga.
UPhungula akukho okubi okwenze wahlukana nalo msakazo.
Uthi uthathe lesi sinqumo ngoba efuna amadlelo aluhlaza nokuthola inselelo entsha.
Usezobonakala kuSoweto TV vele uneYoutube channel ebizwa ngeDawud TV ZA ayisungule esafundela ubuntatheli ngo 2016.
Le channel yakhe yenza kahle njengoba ilandelwa abantu abangu 140 000.
Uveze ukuthi ngesikhathi esafunda uthando lokusebenza kuthelevishini lukhule kakhulu ngaleso sikhathi.
“Ngiphoqelekile ukuthi ngisebenzele iGagasi FM ngoba aziningi iziteshi zikamabonwakude ngapha KwaZulu-Natal. Kuthe uma sekuvela ithuba lokusebenza ngaphambi kwamakhamera ngagxuma ngahlala. Ngikholwa ukuthi leli gxathu engilithathile lizongivulela eminye iminyango kulo mkhakha wezobuntatheli. IGoli linamathuba amaningi futhi uyakwazi ukusebenza ngendlela ozikala ngayo,” kusho uPhungula.
Uthe konke kusahamba kahle selokhu eqalile kwaSoweto TV njengoba ecijelwa ukushayela uhlelo olukhulu lwe-prime time .
Uveze ukuthi uzoqala kahle ngesonto elizayo.
Uzoqhubeka nomsebenzi weYouTube njengoba abaphathi ebazisile wathi futhi wayenza njalo nangesikhathi esakwiGagasi FM.
“Umehluko okhona manje ukuthi ngisekwiGagasi FM ngangingasitholi isikhathi esanele sokugxila kwiYoutube channel ngoba ngangihlalengimatasa,” usho kanje.