Izindaba

Kuye ngamagama eKumkani beqeda ngoMareke 

Liyah Mseleku

IKUMKANI yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo iyakuchitha ukuthi uSakhumzi Dalindzolo Mareke, obulawe nabanye abalisa ababili eMthatha West, ubeyinkosi.

UMareke ubedume ngokuzibiza ngomholi wendabuko kule ndawo yase-Eastern Cape lapho abesatshiswa khona okwenyoka.

Ubesolwa ngokuhlukumeza osomabhizinisi ebaphoqa ukuba bamkhokhele ukuze “abavikele”.

IKumkani uDalindyebo, eke yahilizisana kwancane indawo noMareke, ithe yize kungaphusile ukukhuluma kabi ngomuntu uma eseshonile, kodwa ngokwayo lo mlisa ubeyiqola efuna ukubizwa ngenkosi ngenkani.

“Akakaze nangelinye ilanga abekwe njengenkosi,” kusho iKumkami ebimsola lo mlisa ngokuhlupha eMthatha West.

UMareke ubesanda kutshela idlanzana labantu ukuthi uyophatha kuze kubuye uJesu, abantu bakhe kuphela abangamkhipha hhayi indoda engavele ifike ithi akaphume nje.

Ekhuluma nephepha lase-East London iDaily Dispatch uMareke wathi.

“Mina angikaze ngizihlanganise nobugebengu, nezinto ezimayelana nokukhokhelwa ukuvikela abantu. Imina engilwa nobugebengu.”

Kunyakaze izinkundla zokuxhumana ngoLwesithathu ntambama ngesikhathi kuvela ukuthi uMareke nabanye abesilisa ababili basale enkundleni ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit.

Indaba iqale ngesikhathi amaphoyisa ase-Eastern Cape eseshe imoto kaMareke ngesikhathi ezulazula eMandela Park.

Kuthiwa athole izibhamu, kodwa njengoba izibhamu bezinelayisensi, amaphoyisa amyekile wahamba.

Ngokuhamba kwesikhathi amaphoyisa abone ukuthi abelandelwa izimoto eziwuhlobo lweNissan Qashqai neToyota Fortuner.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yawo, izimoto zimile ngemuva kwawo, kwaphuma amadoda amathathu okuhlanganisa noMareke, ephethe izibhamu adubula amaphoyisa.

Amaphoyisa nawo aphindisele ngenhlamvu abulala la madoda amathathu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Siphokazi Mawisa ukuqinisekisile ukuthi omunye wamadoda abulewe nguSakhumzi Mareke (42), okusolwa ukuthi ubengungqondongqondo kumacala amaningi okuqola abantu endaweni yaseMthatha.

Ngesikhathi sokudubulana kulimale iphoyisa, kwavulwa necala lokuzama ukubulala.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi e-Eastern Cape uXolile Nqatha uxwayise izigebengu ngokuhlasela amaphoyisa.

“Siyazixwayisa izigebengu ukuthi zigweme ukuhlasela nokuvimba amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo ngoba zizobhekana nezingqinamba. Sithemba ukuthi lesi sigameko sizothumela umyalezo oqinile ezigebengwini ukuthi isikhathi sokuteketisa izigebengu kade sadlula kulesi sifundazwe,”

UMareke uke wabandakanyeka emacaleni amaningi okuqola imali, ikakhulukazi izikole eziseMthatha West.

 

Related Articles

Back to top button