Ugeze igama uBrilliant Khuzwayo
UGCINE eligezile igama lakhe lowo owaduma engunozinti weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uBrilliant Khuzwayo.
UKhuzwayo ubesolwa ngokuqola umthwebuli wezithombe osemncane u-Ayanda Mzondi.
U-Ayanda wanekela izwe ukuthi wayeqashwe uKhuzwayo ukuthi amshuthele izithombe ngesikhathi kudlalwa umqhudelwano webhola obizwa nge Brilliant Cup U19 2024.
Umqhudelwano wawudlalelwa eWema Stadium naseGlebe Stadium eMlazi kusukela ngo July 27 wasongwa ngo-28 Julayi.
Ngemuva kokuthi lo mthwebuli ebhale ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngokwenziwa upopayi uKhuzwayo, ugcine eyitholile inkokhelo.
U-Ayanda uthe uyajabula ukuthi ekugcineni usekhokheliwe ngokuzikhandla kwakhe yize uKhuzwayo esiphulile isivumelwano sokuthi wayethembise ukuthi uzohola ngemuva kwezinsuku ezingu-11 sekudlaliwe.
“Ngibonga amandla abezindaba okuthe uma bebika ngalolu daba, wabona ukuthi amahlathi aphelile akusekho ukucasha njengoba ubeseziziba izingcingo zami. Ungikhokhelile ngoLwesibili izolo nami futhi ngamthumelela ezinye izithombe ebengizibambile. Ezinye izithombe bengizifaka ekhasini likaFacebook ngokwesivumelwano sethu, ”kusho u-Ayanda.
UKhuzwayo naye ukuqinisekile ukuthi usehlukene nesikweletu wakhala ngokuthi u-Ayanda ubehluleka ukubekezela.
“Ngicabanga ukuthi kukhona lapho engangizwisisanga kahle lo mfana. Ngamtshela kahle ukuthi njengoba imidlalo yami ibixhaswe uhulumeni bekuzothatha inyanga ukuthi ngithole imali ngoba imithetho kahulumeni isho njalo. Bengihlala ngimazisa ukuthi iyeza imali akangatatazeli kodwa yena wehluleka ukubekezela. Mina angiyena umuntu ongazigcini izethembiso futhi ingakho ngivele ngangatatazela ngesikhathi egijima eya kwabezindaba ngalolu daba,” kusho uKhuzwayo.