Ubhekwe ngabovu ePolice Station umsakazi woKhozi
Liyah Mseleku
SILINDELEKE ukuthi sizinikele emaphoyiseni noma inini isilomo somsakazi uKhozi FM, uSiya Mhlongo.
Lokhu kulandela izinsolo zokushaya “isinqandamathe” saso ngenxa yokugajwa isikhwele.
Kuthiwa uMhlongo uselulekwe ngabasondelene naye ukuthi kumele aziyele yena emaphoyiseni.
Lokho kuyomsiza ukugwema ukuphinde aphoxeke uma eselandwa ngoshova abakwasidlodlo lapho ecashe khona.
UMhlongo kuphuzwa ngaye amatiye kulezi zinsuku njengoba kusabalele i-video yakhe evela esemotweni kunomlisa ongaphandle owophayo esiphongweni.
Lo msakazi ubemncenga ukuthi makangene emotweni ukuze amphuthumise esibhedlela.
Kubikwa ukuthi lo mlisa washaywa uMhlongo ngebhodlela lotshwala ngoba ecikwe ukuthi uvalilise komunye umlisa abebephuza naye ntathakusa yangoMgqibelo wathi “mncwa mncwa”.
Lesi senzo samdina kakhulu uMhlongo wamthela umpentshisi.
“Amaphoyisa aseDurban Central aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, kulandela isigameko okusolakala ukuthi owesilisa oneminyaka engu-29 ushaywe, wagwazwa ngumsolwa amaziyo ngo-Agasti 31, 2024. Umgilwa ulimale ebusweni wabe esephuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo,” kusho uColonel Robert Netshiunda.
Selokhu kwenzeke lesi sigameko uMhlongo akezwakali emoyeni eshayela uhlelo lwakhe Ubusuku Obuhle olungena ngo 8 ebusuku kushaye u-11.
Kuthiwa uzicelele ikhefu lokuxazulula izinkinga ezimkhungethe.
Lokhu kuvezwe nguNksz Mmoni Seapolelo okhulumela iSABC, othe abaphathi besiteshi Ukhozi FM bathole isicelo esivela kulo msakazi sokuba anikezwe ikhefu lesikhashana.
“Abaphathi boKhozi FM bafuna ukukuqinisekisa ukuthi uMnuz Siya Mhlongo ucele ukuhlaba ikhefu emsebenzini ukuze abhekane nodaba lwakhe. Ngalesi sikhathi uZama Mseleku uzobe ebambe izintambo ohlelweni lwakhe,” kusho yena