Ezokungcebeleka

Angijoli nalowo uyistabane – Babes Wodumo

Bahle Mkhize

UWAKHAHLELE ngazo zombili uBabes Wodumo amahlebezi okuthi usevuke ngendoda entsha.

Kuzokhumbuleka ukuthi sekuyophela iminyaka emibili uBabes waba wumfolokazi emuva kokushonelwa uMandla “Mampintsha” Maphumulo.

UMampintsha washona ngoDisemba 2022 ngemuva kokuxinwa isifo sohlangothi esamgadla siphindelela amahlandla amabili.

Kodwa umculi weGqom ophinde abe umdansi uBabes Wodumo utshele iZiMoja ukuthi akakakulungeli ukungena emjolweni.

Kuleli sonto, ungene kwi-Instagram bukhoma egqoke amaphenti akhangayo kunendoda eceleni kwakhe.

Abalandeli bakhe bebesola ukuthi kungenzeka ukuthi cishe yisoka asevuke ngalo ngendlela abebehlezi ngayo.

Nokho usekuqinisekise ukuthi le nsizwa abethokomele nayo ingumngani nje kuphela.

“Bayasangana, angijoli naye. Singabangani futhi uyisitabane,” kusho uBabes.

Uthe akakakulungeli ukujola ngoba akukadluli kuye ukushiywa uMampintsha owayengumyeni othembekile.

“Angikwazi nje ukuqoma ngenxa yokushelwa. Kunezinto ezithile okufanele ngizenze futhi ngimemezele emndenini wami ngaphambi kwalokho,” kusho yena.

Cishe sekuphele iminyaka emibili uMampintsha ashona kanti uBabes Wodumo kuthiwa ubejola nowayeyilungu leqembu le-Amaroto, uSabelo Zuma.

IPurpose ihoshe kumthombo wayo othembekile ukuthi uBabes ubejola noZuma nokuyinto abamthethisela yona abangani bakhe kwazise wawungakapheli unyaka engumfelokazi.

Kodwa ngokusho komngane, lokho kwaphela kungazelelwe.

“Akuzange kube yisikhathi eside,” kusho umngani etshela iPurpose. “Wayenamantombazane amaningi, ngakho lokho bekungeke kusebenze.

“UBabes uzile ngobuqotho.” Naye uBabes ukuphikile ukuthi ujola noZuma. “Ungumfowethu lowo. Abantu bayohlezi bekhuluma ngami, sengijwayele,” usho kanje.

UBabes Wodumo usasebenzela ukubuya kwakhe endimeni yomculo.

“Sengiyiqedile iphrojekthi yami, iyamangaza, anginaso isikhathi somjolo, ngimatasa nomculo wami.

“Ngiphinde ngibe nezincwadi ezisezinhlelweni njengamanje, ngakho nje, umjolo awume kancane,” kuchaza yena.

Related Articles

Back to top button