Zikhale kwimenenja amaphoyisa evuka necopper kaR20 million
Philasande Luthuli
KUBOSHWE imenenja (59) yendawo okudayiswa kuyo izinsimbi ezindala kulandela ukutholakala kwecopper eyebiwe ebiza R20 million.
Amaphoyisa akwaZulu-Natal asevundulule lecopper emgaqweni uMartin Drive, eQueensburgh.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu ntambama.
Amaphoyisa ophiko lwe-Intelligence ahoshe umoya wokuthi zimbiwe yinsele yazishiya kule ndawo edayisa izinsimbi.
Kube sekuboshwa itulo lokubalalela unyendle liholwa phambili amaphoyisa ophiko lwePublic Order Policing.
NgoLwesithathu bese kwengezwe nophiko lweHawks, zakhala bavuka nenqwaba yecopper.
UMasipala weTheku usuphumele obala waveza ukuthi lenqwaba yecopper eyebiwe ngeyomkhandlu.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze nje.
Kwenzeka lesi sigameko nje amaphoyisa aseKZN akazwile kulezi zinsuku.
IPurpose ezinsukwini ibike ngokusala enkundleni kwabasolwa abayisithupha kulandela ukudubulana namaphoyisa eSouth Beach, eThekwini.
Labasolwa kubikwa ukuthi bebewuhlupho emphakathini futhi bebefunwa uthuli ngamaphoyisa ngemuva kwesigameko sangempelasonto.
Kubikwa ukuthi badubule abantu abahlanu emakhanda bebalalise phansi emgaqweni kwaNdengezi, entshonalanga yeTheku.
Oyedwa wezisulu kubikwa ukuthi kwembulwa kwembeswa kuye esibhedlela.
NgoLwesithathu amaphoyisa aveze ukuthi asemthele othulini ngenhlamvu umsolwa okunguye ubhongoza.
Udutshulwe ecashe eMarrianhill emuva kokudubula kuqala ngokusho kwamaphoyisa.