Ezokungcebeleka

UMadona (66) emjolweni nomfana angamzala

Philasande Luthuli 

SIHLABANI somculo wePop phesheya kwezilwandle e-USA, uMadona (66), uvuke ngoBen 10 amshiya ngeminyaka engu-40 ubudala.

Leli bhungu elizalelwe eJamaica nelingusaziwayo nalo kwezemidlalo u-Akeem Morris (28) kuthiwa bayibhotela nesinkwa noMadona.

Okuthuse abaningi kuputshuka lezi zindaba amahlebezi athi uMadona uyena oshayela lenqola yabo yothando.

Ngokubika kweRadar Online ithi uMadonna ushaye imigomo yokuthi ayibukwa ithelevishini uma bendawonye.

Uma ibukwa kusuke kuwuhlelo oluthandwa uwe.

Uwumuntu wesifazane onomthetho. UMorries uhlala endaweni kaMadona futhi ukulala ndawonye embhedeni, akusho ukuthi sekuzokwenziwa ucansi.

Noma kunjalo kuthiwa la behamba khona bahlezi bebambene ngezandla futhi uMadona umthengela izipho ezibizayo kuvalashelwe nezindawo eziphambili emhlabeni.

Ngenyanga edlule ukhombise izwe azishuthe e-Italy behlangane namanye amalunga omndeni wakhe njengoba ubegubha iminyaka engu-66.

Ezinye zezithombe uzinameke kwi-Instagram ekhombisa abalandeli bakhe. Kwesinye ubhale wathi: “Ngizifisela usuku oluhle lokuzalwa,” ubesho egqoke izimpahla ezibizayo zeDolce and Gabbana.

Abantu ezinkundleni zokuxhumana sebetolike lobu budlelwano njengobuhlomulisayo kubona bobabili.

Omunye uthe njengoba ibhungu liselincane lizothola udumo nemali kanti uMadonna yena ahlomule ngegazi eliselisha.

Related Articles

Back to top button