
Luselude ukhalo kwelokuqokwa kobuholi obusha kwi-IFP
Mbali Mgodeli
Iqembu lepolitiki iNkatha Freedom Party (IFP) eliholwa uVelenkosini Hlabisa lidalule ukuthi busamile ubuholi.
UHlabisa ukusho lokhu kwisithangami sabezindaba eThekwini.
INkatha ibizodingida izindaba ezibhekene nesizwe neqembu nalapho kugqame elokuthi ubuholi be-IFP busematasa nohlelo lokugcoba amaziko oluzophela ngoDisemba.
IFP ithi usuku lwengqungquthela luzoqokwa kuphela uma sekuqedwe uhlelo lokugcotshwa kwamaziko.
“Isigungu esiphezulu sanquma ukuthi uhlelo lokugcotshwa kwamagatsha luphothulwe ngoDisemba 31. Lide ibanga esesilihambile,” kunaba uHlabisa.
Iphinde yaqinisekisa ukuzibophezela kwayo ekuphatheni ngendlela efanele.
I-IFP igcizelele ukuthi iyiqembu eliqhakambisa izimiso zayo, kanye nokuthuthukiswa kwemiphakathi.
“Lokhu kuqinisekisa ukuthi abalandeli bethu bayayibona i-IFP njengeqembu elihlukaniswa ngomlando wethu nobuqotho”
“Kuwubufakazi bokuthi abantu bayasethemba ukuthi sizoletha uguquko lwangempela, ikakhulukazi ezindaweni lapho kubangwa khona,” kusho uHlabisa.
Ngesikhathi i-IFP itusa uMkhwanazi emuva kokudedela amabhomu yabe isifuna ukuthi kube nekhomishini yophenyo eholwa yiJaji eselathatha umhlalaphansi.
Yalibeka ngembaba elokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu kumele ahlaliswe ekhaya ebe ephenywa.
“Izinsolo ezenziwe nguLieutenant General Mkhwanazi zingena enhliziyweni yodaba olukhathaza kakhulu i-IFP ngalolu dlame lwezepolitiki. Siyakuqonda ukuthi izwe lihlushwa yiKhomishini yophenyo (Zondo Commission)” kuchaza uHlabisa.
Iqembu le-IFP leluleka i-NPA ukuthi yenze okwengeziwe, futhi igxile ekushushiseni ngokushesha ikakhulukazi kulokho okutholwe yiKhomishana kaZondo.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



