Izindaba

Kuchitheke izishebo kubafundi kugasela amaphoyisa eNanda

Mbali Mgodeli

Angene nezicabha amaphoyisa nezinja kwachitheka izishebo eNanda High School kuvulwa izikole ngoLwesibili.

Bese kubikwe kaningana ngokudayiswa kwezidakamizwa nokuhloma ngezikhali kwabafundi kulesi sikole.

Lo mshikashika ubuqhutshwa amaphoyisa aKwaZulu-Natal, ngokubambisana nezikhulu zoMnyango wezeMfundo eyisiSekelo.

Ikusasalethu Secondary School, Newtown Combined School nazo azisalanga ngaphandle kugasela ezikaMkhwanazi eNanda.

Ngesikhathi begasele kulezi zikole amaphoyisa ahlinzeke abafundi ngolwazi lokuphepha.

Ngemuva kwalokho abe esesesha, okuholele ekutholakaleni kwensangu kanye nogwayi ezikhwameni zabafundi.

INanda ibalwa nezinye izindawo ezikhahlamezekile ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi, udlame, nokusetshenziswa kwezidakamizwa.

Kubalwa nezinga eliphezulu lobugebengu nosekuhoelele ukuthi kube nezidumbu phansi abasolwa abaningi bedubulana namaphoyisa.

Lokhu kugasela kwamaphoyisa kungazelele bani kuyingxenye ye-Safer Schools Protocol, okuwuhlelo okuhlanganyelwe noMnyango Wezemfundo Eyisisekelo kanye nombutho wamaphoyisa (SAPS).

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button