
Ziyakhala kusopolitiki nabasolwa kwelokufa kwaDJ Sumbody
Sphumelele Mjaja
IPhini likaMengameli wePatriotic Alliance, uKenny Kunene, unikezwe ikhefu lezinsuku ezingu-30 esekhaya.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi ebhadanywe emzini kalowo osolwa ngokuba ungqondongqondo u-KT Molefe ecaleni lokubulawa kwa-DJ Sumbody.
UMengameli we-PA uGayton McKenzie wenze isimemezelo, ethi uyalethemba isekela lakhe.
UKunene uzivekela ngelokuthi ubevakashele lapho kuhlala khona u-KT Molefe ukuze asize intatheli ngengxoxo.
UMcKenzie uthi abameli abazimele bazosiza iqembu ukuthi libhekisise lolu daba.
Kulesi sigameko kuboshwe abasolwa abane mayelana necala lokubulala u-Oupa Sefako owaziwa ngoDJ Sumbody.
Lo DJ nonogada bakhe ababili, uSibusiso Mokoena noSandile Myeza, badutshulwa babulawa ngamadoda angaziwa.
Kwenzeka lokhu ngesikhathi behamba ngezimoto zabo mhla ka-20 Novemba 2022, ekhoneni likaWoodmead noWoodland eSandton, eGoli.
Abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-45 no-60 bavalelwe esitokisini ngoMsombuluko ntambama, ngokusho kwaBrigadier Athlenda Mathe, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke.
UMathe uqhube wathi isibhamu esasetshenziswa ukubulala u-DJ Sumbody yisona kanye lesi esasetshenziswa ekubulaweni kukanjiniyela waseVereeniging u-Armand Swart.
Kubalwa nemizamo yokusoconga umlingisi wethelevishini uTebogo Thobejane.
UMathe usho lokhu ngemuva kokuthi abasolwa bevele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesibili.
“Abasolwa abathathu nabasolwa ngokuba ngungqondongqondo babhekene namacala amathathu okubulala”
“Kubalwa nelihlanganisa elokubulala uDJ Sumbody nonogada bakhe ababili, uSibusiso Mokoena noSandile Myeza,” kusho uMathe.
Esitatimendeni esikhishwe yiBe a Sumbody Foundation, umndeni uthe uyakuthokozela ukuboshwa kwabasolwa abane.
Umndeni ucele ukuthula yize lokhu kube yisinyathelo esibalulekile esibheke kubulungiswa.
“Sidlulisa ukubonga okukhulu embuthweni wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika”
“Ikakhulukazi uphiko lobugebengu obuhleliwe eGauteng kanye nethimba oliphenya amacala okubulawa kosopolitiki, ngemizamo yabo engapheli” kusho umndeni esitatimendeni.
“Sifisa futhi ukubonga abantu baseNingizimu Afrika, abathanda izwe, kanye nabalandeli baka-DJ Sumbody, ukuqhubeka nokwesekwa kwenu kuwumthombo wamandla emndenini.”
IMantshi uRenier Boshoff ilihlehlisele uJulayi 29 icala. Bonke abasolwa basagqunyiwe esitokisini.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



