
Kuzohlomula osokhaya kwiKZN Premier’s Cup eMhlathuze
Sphumelele Mjaja
Kuzodaleka amathuba emisebenzi ukuvulwa kabusha kwenkundla yezemidlalo iMhlathuze Sports Complex, eRichardsbay.
Lokhu kuza emva kokuthi iMeya yoMkhandlu waseMhlathuze uCllr Xolani Ngwezi imeme abezindaba ukuthi bazozibonela ukwethulwa kwalesi sikhungo esivuselelwe.
Le nkundla emumethe izindawo zokudayisa ivulwe kabusha ngoMsombuluko.
Lokhu kuza nethemba lokudaleka kwamathuba emisebenzi kubantu abahweba ngezinto ezahlukene eMhlathuze.
IMeya ibongele wonke amaqembu aseKZN okubalwa kuwo osokhaya iMilford kanye neNatal Rich Boys, abahlali baseMhlathuze kanye nawo wonke amaqembu.
Uphinde wabongela bonke abalandeli bebhola.
“Ukuvulwa kwenkundla akuzuphumelelisa Mhlathuze kuphela kepha neKing Cetshwayo District nayo izohlomula” kusho uNgwezi.
Ivulwa nje iMhlathuze Sport Complex sekubalwa izinsuku kusuke umshikashika wePremier Cup kulempelaso esiya kuyo mhla ka-26 no-27 kule nyanga kaJulayi.
Ngendlela enesasasa ngayo iPremier Cup kuyaxwayiswa mayelana nezindawo
zokulala kubantu abasuka kude neRichards Bay.
Imibiko yakamuva ithi sezigcwele, abantu mabazame ezindaweni ezisondelene nase Bay indawo yokugoba amadlangala.
Ngo-11 emini ngoMgqibelo kuzotholana phezulu AmaZulu F.C neLamontville Golden Arrows.
Ngo-2 ntambama iDurban City iqhuthane amazenze neMilford.
NgeSonto osokhaya iRichardbay FC igadulisane neMidlands Wanderers.
Isemi final izodlalwa ng-12:30 kuthi umdlalo wamanqamu udlalwe ngo-4 ntambama.
Kule midlalo kungenwa mahhala, kunxuswa abantu ukuthi bangaphuthelwa ubumnandi obuzobe buse Mhlathuze.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



