Ezokungcebeleka

Livuke lazithuntutha Ugu kwezobumnandi

Lithulwe ngokusemthethweni idili likamkhipheni i-Off Ramp elizoqala ngoJune kulo nyaka.

Lo mcimbi wethulwe eMushroom Lounge eMhlanga ngoLwesithathu.

Kuzobe kuhlanganiswe imicimbi eyahlukene ezimidlalo kuhlanganisa nawo umcimbi omkhulukazi uGu Jazz Festival.

UMnuz Siya Msomi wenkampani ejutshwe ukuhlela lo mcimbi iCool Sound uthe kuyamjabulisa ukuphinde athole ithuba lokuhlela lo mcimbi.

Akukhona okokuqala ewuhlela, kuzokhumbuleka ukuthi phambilini ubenza umsebenzi ofanayo ngaphansi kwenye yezinkampani zakhe iSiyasound.

Uthe inhloso enkulu ngokubuya kwalo wukunyusa izinga uze ufinyelele ezingeni leMacufe eBloemfontein eFree State noma iCape Jazz Festival eWestern Cape okuyimicimbi esisezingeni lo mhlaba.

“Okuhle ngale mcimbi abantu abayihambelayo abahehwa abaculi abasuke benandisa kodwa bahehwa yinjabulo abayaziyo bazoyithola ngokuhambela kulezo zindawo,”

“Kulo nyaka siyawethula sizoba nabo abaculi abazonandisa kodwa ngeke kube iFestival njengoba sihlela ukwenza kusukela ngonyaka ozayo,”

“Uzofana nesidlo sakusihlwa esizobe sinabaculi nje okuzoba wumcimbi ozothatha noma amahora amathathu. Kusukela ngonyaka ozayo sizobe sesenza into yamehlo,” kusho uMsomi.

Phakathi kwezihambeli eziqavile ebezikhona kubalwa iMeya wawo uMnuz Skhumbuzo Mqadi neMeya kaMasipala ongaphansi koGu iRay Nkonyeni uNkk Zodwa Mzindle nabanye abaningi.

UMnuz Owen Mazibuko oyimanenja yalo mkhandlu Ugu utshele ebezindaba ukuthi uzimisele ngokuhlomula ngenzuzo ka-R50 million ngokubuya komcimbi weJazz odume ngokuthi Ugu Jazz Festival.

Uthe umkhandlu wamakhansela usazohlangana ngenhloso yokuqhamuka nesamba esiqondile uMasipala ozosikhipha ukuqinisekisa ukuthi uba impumelelo.

Ngesikhathi ekhuluma kulo mcimbi uMazibuko uthe njengoMasipala kuyabathokozisa ukukhuza ibuya kwalo mcimbi njengoba uke wanyamalala ebantweni ngenxa yezingqinamba.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button