
Isililo eNomathiya High kugwazwa kubulawa umfundi
Sikhulu isililo esikoleni samabanga aphezulu iNomathiya High School kulandela ukugwazwa kubulawe umfundi.
Lesi segameko esishaqise abaningi senzeke eMtubatuba, KwaZulu-Natal.
“Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu ngokushona komfana omncane eMtubatuba. Umphakathi umkhumbula njengengane ehloniphayo,” kulandisa uNqubeko Ndlela.
Kubikwa ukuthi uSbanda Khumalo (16) ubulawa nje sekuke kwaqubuka impi yabafundi kulesi sikole kodwa lo mfana ubengeyona ingxenye yombango.
Ngeshwa, ngesikhathi kuqhubeka lezi zinxushunxushu, omunye wabafundi othintekayo wamgwaza, washonela khona lapho.
Amalungu amaningi omphakathi azwakalise ukuzwelana nokweseka umndeni njengoba ubhekene nalesi simo esibuhlungu kangaka.
Lesi sigameko siphakamisa ukukhathazeka okukhulu mayelana nokuphepha kwabafundi ezikoleni.
“Izikole zenzelwe ukuba yizindawo zokufunda nokukhula, lapho izingane zingazizwa zivikelekile futhi zisekelwe,”
“Kuyakhathaza kakhulu ukuthi udlame selufinyelele ezingeni lapho abafundi abangenacala bephenduka izisulu,” kuphawula ilunga lomphakathi.
“Yaze yabuhlungu indaba yale ngane ifela into engayazi, ngiyazisa ngomzali wayo obeyiIindile kuthi izobuya esikoleni iphila, abenziwe ubulungiswa ajeze lomenzi wobubi,” kuphawula uNikiwe Siyaya ezinkundleni zokuxhumana.
“Kubuhlungu nkosi ngonina nje esekhulise kanjena. Dudu kwizihlobo nakumndeni wonke, ngithanda nje ngoba mhlawumbe uboniwe omgwazile kunokithi kubulawe umuntu ningazi ukuthi ubulawe obani. Eyi kulukhuni kulo mhlaba,” kuphawula uZoe Mhlongo.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



