Ligqashukile ifindo lomshado kobengumlingisi kwiGeneration The Legacy
Liyah Mseleku
LIGQASHUKILE ifindo likasofa silahlane phakathi kwaLatoya Makhene obengumlimgisi weGenerations The Lagacy noPulumo Keswa.
ULatoya washada umshado weSintu ngoDisemba 2020 noKeswa abanobulili obufanayo nobakhe.
Phakathi kwezizathu ezinqala ezibikwe uPumulo Keswa ukuthi uLatoya ungene shi ezidakamizweni, udlame, ukumbatha nenye indoda ngaphandle komshado.
Kulukho isizathu esidale ukuthi lubhidlike ubumba wukuthi uLatoya ubhunyele uKeswa ngamanzi abilayo.
Ngokombiko weSunday World akusona sodwa lesi sigameko kuphela.
ULatoya useke wamshaya nge-ironing board, ivasi waphinde wangqongqisa amakhethini emzini wabo eRandfontein eGoli.
“Le ncwadi inazisa ngokuthi nginqume ukuthi kuphele obekusihlanganisile nendodakazi yenu uLatoya ngalezi zizathu. ULatoya ulale nendoda yaseNigeria eshadile ngoba efuna izidakamizwa izihlandla ezahlukene. Emuva kwamasonto amabili ekwenzile lokho ngamtshela ukuthi akahambe kwami. Wafika kwenu eTladi (Soweto), waphinda washendezana nelesbian endaweni. ULetoya ucekele phansi imizi yethu emibili ngokubulala amawindi, washisa amakhethini waphinde waphula nempahla endlini. Okubi kakhulu ukuthi uyanqaba ukuthola usizo lodokotela bengqondo,” kusho uKeswa encwadini ayibhalele abakwa Makhene.
Incwadi iyitholile impendulo kuMakhene: “Ngenxa yokuthi ngahamba lapho ngingazelele kwasala izimpahla zami eziningi. Bengicela kungelele abantu abadala bakwaPumulo ukuze ngikwazi ukuthola izimpahla zami ngokuthula nangendlela enesizotha,” kuphendula uLatoya.