Ezokungcebeleka

IGcokama Elisha likhwele ladilika kuDr Sipho Sithole

Philasande Luthuli 

UMCULI kaMaskandi uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele usekhwele wadilika kuDr Sipho Sithole emcela ukuthi akahlukane negama lakhe.

Akakuvezanga ukuthi yini le edale nanokuthi aze amgcone athi umhloniphela nje amagalelo okuvuthwa kobuso bakhe.

“Ngisebenze kanzima ukulungisa umlando wami omuhle kubantu obungcoliswa ngabantu abenza njengalo baba engingamazi nesmile senkomo. Ngicela ningikhuzele yena zingabade nimtshele ukuthi akahlukane negama lami. Lobaba wabantu angimazi yena kodwa ngiyamuhlonipha. Ngimuhloniphela nje amagalelo okuvuthwa kobuso bakhe,”

UMthandeni uqhube ngokuthi uyabadabukela abantu abanjena ngoba bayasetshenziswa.

“Ngizwa ngibadabukela abantu abanjena nkosiyami ngoba abanye babo bashoda ngolwazi, bayasetshenziswa nje bese bebhekana ngqo noNkulunkulu wobizo lwami zibakhalele,” usho kanje.

UDr Sithole uneziqu zePhD azithola eWits University.

Uphinde abe ngomunye ongumdidiyeli omkhulu wamaJammy Soccer Games. Lemidlalo ibandakanya iMaskandi FC, Gospel, Piano neHip Hop exhaswe kakhulu uBig Zulu ehlangene noKhuzani Mpungose.

Emculweni uDr Sithole ngo2003 wajoyina iGallo Music eyiDeputy Group MD kodwa wabuye washiya wavula inkampani yomculo Native Rhythm.

Uvundulile inqwaba yamaciko asehlonishwa eMzansi kwaGallo Music okubalwa uSkwata Camp, Pro Kid, UNathi nabanye.

KwiNative Rhythm wasayina uZulu Boy, Siphokazi, Camagwini, Zakwe, F-ezzy, The Soil nenqwaba yamanye amaciko.

 

 

 

 

Related Articles

Back to top button