Igcagcele esokeni uPenny Ntuli ehlangana nowayesakaza oKhozini FM
Liyah Mseleku
IGCAGCELE esokeni uLinda ‘Mr Magic’ Sibiya owayesakaza kuKhozi FM efezekisa iphupho likaPenny Ntuli osanda kuqashwa iJozi FM.
Iphupho lale ntokazi bekuwukuhlangana noMr Magic kodwa engazi ukuthi kanjani. UMr Magic akapholisa maseko wavukela eSoweto.
Kwenzeka lokhu nje uPenny ubeke wababala bonke abasakazi akhula ebukela kubona waphinda wahlangana nabo endimeni kwashoda uLinda Sibiya.
“Kunomuntu oyedwa engisenesifiso sokuhlangana naye, oqale yonke lento kimi kwi-Vuka Breakfast Show egijima noMfundisi Zondo. Ekhaya bekuyimpoqo ukulalela uSotobe. Ngikhuluma ngoLinda Sibiya. Ngifunde ngaye ukuthi umlomo unamandla, ngangize ngifike sekwedlule isikhathi esikoleni ngoba ngilinde kuphele i-motivation. Yabona uma esethi “It’s not over until God says it’s over” bengiye ngizizwe ngingesabi lutho. Noma ngabe ukuphi, ngiyafisa ukuhlangana nawe”, kuqoga u-Penny.
ULinda ufike ezindlini zomsakazo iJozi FM ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi uPenny esasakaza uhlelo lwakhe i-Mid Morning Chat olungena ngo 9-12 emini phakathi nesonto.
“Ngila, ngeke umuntu abhale ngami ngingafiki,” kusho uLinda evula umlomo okokuqala ngqa kulolu hlelo esakaza.
Utshele u-Penny ukuthi akalalanga ngayizolo abantu bemfonela, bethi akazame ukubona naye, ufisa ukuthi bahlangane.
Le ntokazi yaseThekwini ike yasebenza emsakazweni wakhona iGagasi FM kodwa yawulaxaza lowo msebenzi emuva kokungavumelani nomphathi wakhe u-Ayanda Melansi.
Phela kulo msakazo bebefuna ukumholela R2 800 ngenyanga wala.
Phakathi kwabasakazi ababalile ukuthi ube nenhlanhla yokuhlangana nabo uTshatha Ngobe, Lucky Sefatsa, Vusi Letsoalo, Patric Bogatsu, Dudu Khoza, Ngizwe Mchunu, Collen Zondo, Felix Hlophe no Alex Mthiyane.