Kubhimbe uhlelo kobefuna esiphezulu kwiMK Party
Sane Mseleku
UPHIKWE yizinto uMnuz Jabulani Khumalo, obefake icala efuna ukubuyiselwa njengomholi weMK.
INkantolo yezoKhetho ikhiphe isinqumo ngoLwesithathu ichitha uKhumalo.
UKhumalo wafunga ukuthi leli qembu ngelakhe.
Emuva kokulahlwa icala inkantolo ibe seyimnika isigwebo nokuthi makanxephezele inkantolo ngokumosha isikhathi sayo kanye nezindleko zabammeli.
UKhumalo ubemangalele i-IEC neMK efuna bambuyisele esikhundleni ethi wakhishwa ngendlela engekho emthethweni.
Khonamanjalo umculi wakuleli osephenduke isishoshovu soMkhonto weSizwe (MKP) Mxolisi “Zulu Boy” Majozi uthi ufuna abaculi nabalingisi balwelwe izwe iNingizimu Africa.
IMKP ngoMsombuluko iyalele abammeli bayo ngesicelo esiphuthumayo enkantolo enkulu, ukumisa iPhalamende ekuqhubekeni nokuthuka amalunga amasha nokubekwa koMongameli ngoLwesihlanu.
UZulu Boy uthe amalunga ngeke aye ePhalamende ngoba okuzobe kwenzela akukho emthethweni.
“Iningi labantu lenza sengathi konke kuhamba kahle ekubeni kungenjalo. Kwaba khona isikhalazo mayelana nabakwa IEC, mekungamele bamemezele imiphumela yokuvota njengoba kunesikhalazo. UMkhonto weSizwe waphumelela ngokuphindaphindiwe,” usho kanje.
“Umkhakha weCreative Arts selokhu wabhekana nezinkinga kudala futhi bazoqhubeka ube nazo uma behlala phansi bathule, akumele bavumele ondlavini bangene ezweni labo. Angikwazi njengomculi ngikhulume wena uthule, kodwa uma sekwiyisikhathi sokuvuna nawe ulindele,”
UZuluboy uqhubeke wathi ama artist awayeke ukucasha ngaphansi kwezingubo babukele izitha zilimaza izwe lethu.
“Abasukume balwe ngoba izwe lethu lisenkingeni. Njengabaculi kumele sibhale amaculo ngalezizinto njengakuqala ngesikhathi sokhetho luka 1994. Kumele sihlangane njengabaculi silwelwe iMKP. Kumele kuqale phansi kubalwe noma kuvotwe kabusha. IMKP ayiyi ePhalamende”.
UZuluboy ukhiphe iculo elisihloko sithi Mayibuye, likhuluma ngoshintsho oluzoba khona njengoba sekuvotiwe.