Ezokungcebeleka

Ucu alusalingani kuTK Ncinza nengoduso yakhe entsha

Sane Mseleku

OWAYESHADE noNhlanhla Ncinza weqembu lomculo iMafikizolo kumbhedele ekubopheni ifindo likasofa silahlane nengoduso yakhe uLebo Phasha.

UThembinkosi “TK” Ncinza wodumo lweTK Records kodwa obesewunobhala we-ANC esifundazweni saseGauteng. IZiMoja bike ukuthi bahlukene emva kokuthandana isikhathi esingaphezulu konyaka noLebo.

Bese beqedile ngamalobola belungiselela umshado.

Ngonyaka odlule uTK wahlela umcimbi wemindeni yomibili ukuthi ihlangane ibabungaze.

Lezi zithandani zazingahlukaniseki zingamathe nolumi, zivakashela namazwe angaphandle zombili.

Ngokusho kosondelene nabo uthe lezithandani mesezifana nomndeni. “Ingane ka Lebo nezingane zaTK ungafunga ukuthi izelamani, indlela abebezwana ngayo ubudlelwano babo mebufana nobomndeni.

Njengoba behlukene uTK uthathe imoto ayeyithengele owayeyingoduso yakhe.

Osondelene nabo ukuqinisekisile ukuthi uLebo uhambile endlini, uTK wamphuca imoto basusa izithombe zabo ezinkundleni zokuxhumana.

“Ubudlelwane buphelile futhi angiboni ukuthi bazobuyelana,” kusho umthombo othembekile.

Umngani othembekile wabo bobabili uthe uTK wabonakala ehamba nowesifazane othile, obonakala njengentombi entsha empilweni yakhe ngoJanuwari emcimbini we-ANC wokugubha iminyaka engu-112 owawuseMpumalanga.

Indlela ababesondelene ngayo iveza ukuthi bayajola.

UTK wahlukanisa noNhlanhla Ncinza ngonyaka ka-2019.

Related Articles

Back to top button