Izoshintsha impilo uZola 7 ebuyela kwa ‘gogo’
Aphelele Gcwabe
INTAKA ibekelwe amazolo umculi wakuleli oshintshe izimpilo zabaningi uBonginkosi “Zola 7” Dlamini edalula izinsuku zokukhipha umculo kuma digital platforms.
Iningi likhule libukela kuZola 7 lilalela nomculo wakhe kodwa ngaleso sikhathi wawungatholakali kumadigital platforms.
Nokho izimpukane eziluhlaza zithi lo mculi wodumo lweGetto Fabolous usethelelene amanzi nomphathi weGetto Ruff uLance Stehr.
UStehr wake wasolwa yilo mculi ukuthi umvalela “ompompi” njengoba kade beyinkukhu nempaka kubangwa imali.
“U-Stehr ufanelwe ukuhlala esihogweni, eduze kwamalahle lapho okufanele ashe khona. Usebulele ikusasa labantu abaningi, akuhlekisi,” kusho uZola kwingxoxo ayenza ne-Podcast and Chill.
UStehr wathi uma kukhulumywa ngomuntu oseke wanikwa amathuba lowo uZola 7.
“Kwakunabantu ababeqashiwe ukuvikela isithunzi sikaZola 7. Isizathu sokuthi agcine asephelelwa itoho lakwaCell C elalimkhokhela izigidi zamarandi wukuthi washaya intombi yakhe wayiphushela ngaphandle kwefastela,” washo kanje uStehr.
“Ngesikhathi bexabana kunabantu ababematasa befunza uZola 7 ngezinto ababethi zenziwa u-Stehr kodwa iqiniso ukuthi ubevele eyidinga i-Ghetto Ruff. Kungcono kodwa manje ngoba sebeyilungisile into ebibahlukanisa futhi sebeyasebenzisana,” kusho umthombo.
NgoJuni-16 uZola uzokhipha kabusha ingoma yakhe eyashisa izikhotha iGhetto Fabulous bese kuthi ngoJuni 18 akhiphe kabusha i-album iBhambatha nezobe isitholakala kuma-digital platforms.
“I-Ghetto Fabolous ayikaze ingene kuma-digital, iphume esikhathini esidala kakhulu kodwa manje isikhathi sokuthi abantu beyizwe ngoba kade belokhu beyifuna. Ngasosonke isikhathi manginandisa e-stage angiyishiyi,” kubhale uZola ekhasini lakhe ku-Instagram.
Umthombo ubike ukuthi kumanje uZola 7 uqopha iziqephu zohlelo lwezingxoxo lapho ekhuluma khona nosaziwayo, amaciko, osopolitiki kanye nabantu nje abenza izinto ezinhle emphakathini. Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luqale ngo-Okthoba kulo nyaka.
UZola 7 akagcini ngokucula nje kodwa ubuye abe umlingisi. Wazakhela ugazi edlala kwiYizo Yizo wathula nohlelo olwalushintsha izimpilo zabantu olwaluqanjwe ngaye.