IMitsubishi Motors igadla ngowodumo kwi-East Coast Radio
Sihle Mkhize
UMSAKAZI obalwa namavulandlela kubantu abamnyama ekusakazeni kwi-East Coast Radio, u-Archie Majola, unyelwe inyoni esandlenini.
NgoLwesithathu ugixabezwe ngemoto kanokusho iMitshubhisi Eclipse Cross, enkabeni yeTheku, kumgwaqo uKE Masinga.
UMajola oseyinxusa kwaMitshubishi ubefile injabulo ehla enyuka ungafunga ukuthi uchatha uhlanya.
Phela ubemukela izihambeli nezintatheli ebezimenyiwe kulo mcimbi.
“Ngijabule ngifile ukuhamba ngale moto efudumele futhi esezintweni kanje. Okubalulekile wukuthi iyathengeka futhi ayimbi eqolo. Kimina le moto ingumzekelo walokhu esengikushilo. Nginxenxa abantu ngokwehlukana kwezigaba zabo ukuthi abeze ukuzothenga la,” usho kanje.
Imenenja yakwaMitsubishi Motors uKuveshan ithe wonke umuntu ungena kubona engumthengi kodwa aphume esefana nelunga lomndeni.
“Sinemfudumalo futhi siyakwazi nokunakekela amakhasikende. Sinezinhlobo zezimoto ezahlukene la. Sinezimoto ezincane nezinkulu futhi amanani akhona akambi eqolo,” usho kanje.
Uma ufuna ukuthenga imoto kuleli garaji kudingeka izinto ezimbalwa ukuze wamukeleke.
Okubalulekile ukuthi ube nesikweletu osikhokhelayo njalo ngenyanga ukuze bakubone ukuthi uthembekile.
Ngale kwesikweletu kufuneka ube nepay slip yezinyanga ezintathu, isitatimende sasebange naso sezinyanga ezintathu, imali engena ebhange nyangazonke ibe uR10 000 noma ngaphezulu, umazisi kanye nezincwadi zokushayela.
IMitsubishi ayigcinanga ngo-Archie Majola kodwa iphinde yagixabeza isiteshi somsakazo womphakathi iVibe FM ebesiholwa umphathi uLucky Dlamini.
Naye ubefile injabulo njengoba umsakazo usoba nezinyawo ezilula.




