Kuzobe kuphume nesinedolo emngcwabeni wenyanga yodumo
Aphe Gcwabe
KULINDELEKE ukuthi kuphume nesinedolo ikakhulukazi abalaphi bendabuko emngcwabeni waNhlanhla “Sbushebushe” Cele.
UCele wadutshulwa ngezinhlamvu eziyisithupha ekhanda nasesifubeni esendaweni yakhe yokudayisa utshwala iYellow Lounge, eMlaza.
Ubulawa nje uCele, wayeyesanda kubuya esibhedlela ngoJanuwari 2022 esinde edutshulwa nesisebenzi sakhe uMbongelwa Mbombela.
IPurpose yabika ngoMeyi 29 ngesikhathi kuvela izindaba zokuhlaselwa ebulawa.
Indodakazi kaCele yacashunwa ithi uyise udlule emhlabeni ingemuva kokuthi ehlaselwe amadoda angaziwa. UCele wazakhela udumo olukhulu ngembiza esiza amadoda ekamelweni, uSbushebushe.
Umngcwabo wakhe uzobe usehholo lomphakathi lakwa-V, eMlaza, eThekwini. Kulindeleke ukuthi uhanjelwe ngabantu abaningi abavela ezindaweni ezahlukene.
Ibandla laseZayoni abelihola, iDwala Lokuphila lizobe likhona njengoba kade lihlalise lo mndeni emakhandleni sonke lesi sikhathi.
Amalungu omndeni akuqinisekisile ukuthi uCele uzofihlwa ngeSonto. NgoMgqibelo kuzoba nenkonzo yomlindelo ezodonsa ubusuku bonke kuze kuse ngakusasa.
Namhlanje (Lwesihlanu) ehholo kuzokuba nenkonzo yesikhumbuzo ehlelwe iNkatha Freedorm Part (IFP) njengoba eshone eyilunga lokuqina lale nhlangano.
Ngaphandle kokuba yinyanga uCele ubebuye abe namabhzinisi ahlukene eokubalwa izindlu zemiqasho nokunye okuningi.