Iqembu lomculo lifake isandla kwabashaywe isiphepho
ISIPHEPHO esihlasele oThongathi kwasalwa kukhalwa kuleli sonto sisukumise ngisho amaCiko ukuyolekelela.
Kushone abantu abayisikhombisa kanti kuphephuke uphahla lwezindlu, kwalimala izikole, abantu basala dengwane.
Nomculi oyilungu le-Afrosoul obuye abe ngumlingisi uThandeka Zulu uthintekile ngalesi sehlo esenzeke endaweni edabuka kuyona.
UThandeka uthi kumthintile ukubona izithombe zabantu bangakubo bekhahlamezekile.
Uthe ngokubambisana neqembu acula kulo neFoundation yakwaHollywoodbets bafingqe imikhono bayonikelela imindeni ekhahlamezekile.
Banikele ngezingubo zokulala ukudla nokunye.
“Ngincamele ukushiya phansi konke obengikwenza ngazama ukuthola usizo ngayophonsa esivivaneni. Ngethemba lokhu esikuzamile kuzosiza abantu abakhahlamezekile. Ngibonga ukubambisana kwe-Afrosoul esukumele phezulu ukuyokusiza labo abashayekile,” kusho uThandeka.
Khonamanjalo, i-Afrosoul iveze kuthi idumele ikhonsathi yayo ebilindelwe ngabomvu ihlehliswa.
USabelo Ngema oyilungu laleli qembu uthe baphoxekile ngesikhathi iThe Playhouse Company isibajikela esiswini njengotshwala.
UNgema uthe engxoxweni ababa nayo noLinda Bukhosini oyi-Chief Executive Officer yeThe Playhouse, babethenjiswe ukuthi konke kuzohamba ngohlelo.
“Sithuke soma ngesikhathi sesibona inkontileka inemibandela ebesingavumelananga ngayo ekuqaleni.
UMama uBukhosini usitshele ukuthi ngenxa yokuthi ibhajethi yabo isiyehlisiwe, ngeke besakwazi ukusixhasa. Usidlulisele kuThandekile Mqadi oyi-Arts Manager eThe Playhouse. UMqadi ubeza nesivumelwaneni esibizwa ngokuthi “In Association With.”
Ngebhadi sithole ukuthi lesi sivumelwano sinezinto eziningi ezingehli kahle njengokuthi imali yamathikithi kumele sicazelane kuyo,” kusho uNgema.
Uxolise kumaciko ayephase ukuhlolelwa ukuba ingxenye yale khonsathi ebizokwenziwa okwesibili kulo nyaka.
Uthe uma sebethole usuku olusha, bazowazisa ngoba asazoqhubeka abe ingxenye yekhonsathi.