
Likhale kwezwakala izembe kwizinkunzi zaseSoweto
Seliphinde lakhala izembe kwi-Orando Pirates, kulokhu lidle kwabane njengoba leli qembu laseSoweto lizihlela kabusha.
Ekuqaleni kwesonto i-Orlando Pirates imemezele ukuhamba komgadli uSouibou Marou, kwalandela uFortune Makaringe.
Nakhu ke manje seliphethwa isonto, isiveza ukuthi seyikhulule unozinti uSiyabonga Mpontshane nabanye abathathu.
Laba abanye ngoKermit Erasmus, Thabang Monare noRichard Ofori.
Okuthusile kulaba okwakhe u-Ofori njengoba engunozinti onamava kodwa obezithola eselizwa ngendaba ijezi.
Selokhu kwafika uSipho Chaine esuka kwiChippa ezovala isikhala belimele bobabili u-Ofori noMpontshane, abaphindange balinuka ijezi.
Njengoba ibadedela nje izosala noChaine noMelusi Buthelezi bese ibuyisa noSiphamandla Gumede embibolekisile.
UGumede usayinwe ekuqaleni kwesizini esuka kwiDondol Stars akhombisa ikhono elimangalisayo kuyo.
Ezinsukwini ezintathu ezedlule i-Orlando Pirates imemezele ukuthi iphini lomqeqeshi, uSergio Almenara seliyashiya eqenjini.
Ngokwesitatimende lo mqeqeshi owafika noJose Riveiro wafaka isicelo sokushiya ngasekuqaleni kwalo nyaka.
Abaphathi kodwa bakhetha ukubhekana nalolu daba ekupheleni kwesizini ukuze baqinisekise ukuthi iqembu aliphazamiseki emidlalweni yeligi nakwiNedbank Cup.
Ozovala isikhala sakhe uzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.