Izindaba

Kukhalwa ngamaDoor Kicker ahlalise lubhojozi umphakathi

Kukhalwa ngeqembu lemigulukudu elihlome ngezibhamu eseliqanjwe igama elithi, “AmaDoor Kicker” elihlalise lubhojozi umphakathi waKwaNdengezi namaphethelo entshonalanga yeTheku.

Kuthiwa bangena umuzi nomuzi lisebenzisa imifaniswano yamaphoyisa ngezikhathi zasebusuku.

Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba uConstable MP Mncwabe wezokuxhumana kulesi sitesi, lemigulukudu ihlasela umphakathi ngezikhathi zasebusuku zisuke zifake izigqoko ezimboza ubuso.

Kumanje sekuvulwe namacala angu-12.

“Sithanda ukwexwayisa umphakathi ikakhulukazi endaweni yaKwaZwelibomvu, eCoffie Farm, elokishini KwaNdengezi, eDassenhoek, eZwelibomvu, eTafelkop, eNteke, eBukhoseleni, eSigumbukuqwini, eMangangeni naseMasomini ukuthi kukhona laba basolwa abathathu abangenela umphakathi ezindlini,”kusho uCaptain Ngcobo.

“Lokhu bakwenza kusukela ngo-8 ebusuku bafike babakhombe abantu befake izigqoko ezimboza ubuso, abanye osekuvela manje sebefaka umfaniswano wamaphoyisa eSAPS neyamaphoyisa kaMasipala weTheku, kodwa uba yedwa umuntu osuke eyigqokile lapho. Bafike bazibize ngokuthi bangamaphoyisa, bakhahlele izicabha. Bangena bakhombe befuna impahla yasendlini,”usho kanje.

Uthe lezi zinswelaboya zibuye zivulise umphakathi amaselula bangene kwi-App yakho, bathi banikeze inombolo yakho eyimfihlo yasebhange (Pin Code), ba-transfere imali bayenze u-Cash Send ukuze bangabonakali ukuthi bawobani. Uma usukwenzile lokho baya kushiya noyedwa okugadile ngesikhathi besayoyikhipha.

“Siyabaxwayisa abantu ukuthi abahlale bevalile ngaso sonke isikhathi, uma nje kuke kwashaya u-8 ebusuku bavale, kube nenombolo yamaphoyisa isikhathi esiningi uma kuwukuthi uhlaselwe yileso simo leso ufonele esiteshini samaphoyisa kwaNdengezi ku-079 500 0321.

NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button