Kugcine kumenele umculi wodumo lweManga Manga Business
Philasande Luthuli
KUGCINE kumehlulile ukufa umculi weKwaito uSandile “Mapaputsi” Ngwenya esibhedlela.
IPurpose isanda kukhuluma naye iqinisekisa amahlebezi okuthi uvuka ekufeni ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Umufi wasikhohlisa ngokuthi sikhuluma naye nje uhamba edolobheni laseThekwini uphila saka.
Waze wasikhumbuza enye yezingoma zakhe eyashisa izikhotha iManga Manga Business.
Wayecaphuna kwezinye zezinhlamvu eziqukethwe yile ngoma.
“Uyabazi abantu bayohlale bekhuluma amanga manga business. Mina ngizigudlela ezitaladini zaseThekwini, akubuhlungu ndawo,” washo kanje.
Nokho lishone elango Lwesihlanu sekuvelile futhi sekuqinisekiswe owayeyimenenja yakhe
uBusisiwe Kunene ukuthi ngempela akasekho emhlabeni.
UKunene uveze ukuthi lo mculi ushone ngoLwesine kusihlwa.
Okuvelile wukuthi uMapaputsi waqala ukuhlatshwa ukugula sekuya ngasekupheleni konyaka odlule.
Nokho wavuka wazithatha kodwa isimo sempilo sasingasafani nasekuqaleni.
Lo makadebona uzalelwe eZola, Soweto, kanti i-album ayamfaka kubantu ngethi Izinja ayikhipha ngonyaka ka-2001.
Empeleni, uqale ukungena shi emculweni ngo-1998 esebenzisana neTKZee, Chiskop, noSbu.
Igama lika DJ Khabzela naye ongasekho owayesaka kwiYFM liyavela njengomuntu owamfaka estudio ngo-2001.
Ngonyaka ka-2003 wanqoba indondo yeBest Kwaito Artist neBest Kwaito Song kuMetro FM Awards ngo-2002.
Umndeni wakhe ucele ukunikwa isikhathi njengoba usabubazelwe yifu elimnyama.