Ezokungcebeleka

Kufakaziswe ngo-Ali Mgube empini yesinqe phakathi kwaZimdollar noMthandeni

Sane Mseleku

Impi yomlomo phakathi kwaZimdollar noMthandeni isingene kwelinye igiya kufakaziswa ngegama lomunye umculi kaMaskandi u-Ali Mgube.

UZimdollar uphenduke undabamlonyeni ngesigameko sokuphuca umbhobho uMthandeni kwiMother of All Maskandi Festivals qede wamfusegisa esteji.

Izolo bathole ithuba lokuziphendulela emisakazweni eyahlukene. UZimdollar ubekhuluma kwiVuma FM ohlelweni olushayelwa uJacinta Ngobese kusukela mgo-9 ekuseni. UMthandeni ucashunwe ethi: “Akangizondi futhi nami angimzondi uZimdollar, ngiyasazi isinqe engisijwayele ebumnyameni ngeke ngisiphaphele phambi kwabantu,” usho kanje.

UZimdollar uphendule ngokuthi iqiniso laziwa uye (Mthandeni) ukuthi abazani benqunu.

“Mina ngezwa ngo-Ali ukuthi into kaMthandeni incane inganenhlamvu ye 9mmm, wonke umuntu kaMaskandi uyazi uthi kwakukhala izintombi zakhe, akaze asho ukuthi kwakukhala mina,” ubeke kanje uZimdollar.

Wengeze ngokuthi akazi ke ukuthi angamenzani uMthandeni njengoba enento encane ngoba yena uyazifela “ngokudla”.

U-Ali ube eseqopha ivideo ezihlangula kulempi. “Engathi akuhambanga kahle, angazi ngingena kanjani kule nkulumo yezinqa zobumnayama. Mina bengingekho ngisho kulowo mcimbi okusuke kuwo izidubedube. Ngiyadideka uMaBiyela uma efakazisa ngami ethi wezwa ngami.

Engangikusho kulowa mtalabho ngangingakutsheli uMaBiyela. Ngangizitalabhela uMthandeni ngoba uma sitalabhana usho noma yini ukuze lowo mtalabho wakho udume. Futhi angeke ngikuqinisekise ukuthi lento engangiyisho into ekhona ngempela. Kahle hle ngangizidlalela, angazi ngingene kanjani, uMaBiyela aze afakazise ngami. Yikho nje ngithi akuhambanga kahle,” kuphetha u-Ali.

Related Articles

Back to top button