
Kudutshulwe kwabulawa (8) eMlaza kuphuzwa
Sihle Mkhize
Sekuduthulwe kwabulawa abantu abayisishagalombili emjondolo yaseMlaza, eNingizimu neTheku, esigcemeni sakwa-U.
Kuvela ukuthi ngesikhathi kwenzeka lo mshophi iqeqebana labantu besilisa abayisithupha nababili besifazane bebephuza ndawonye.
Akucaci ukuthi babulawelani laba bantu, abazishwashwathayo baveze ukuthi akuthathangwa lutho kubona.
Amaphoyisa akusona lesi sigameko njengoba senzeke phakathi kwamabili ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekisile isigameko sokubulawa kwabantu abangu-8 eMlaza.
Wadalula ukuthi amaphoyisa afuna uthuli abasolwa abathinteka kulesi sigameko.
“Amaphoyisa anxusa noma ngabe ubani ongaba nolwazi olungasiza ukuthi kutholakale abasolwa, abike esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ashayele inombolo yokuvimba ubugebengu ethi-08600 10111,” esho.
Ngomhla ka-4 February iPurpose yabika ngesigameko esifuze lesi lapho kwadutsulwa kwabulawa khona abantu abane.
Lesi sigameko senzeka etarven eseMandeni, enyakatho nesifundazwe saKwaZulu-Natal, kwashona namaphoyisa amabili ayengekho emsebenzini ngalolo suku.
Kuzokhumbuleka ukuthi NgoJanuary kwadutsulwa kwabulawa abantu abayisithupha etarven esePienaar, eMpumalanga.
Ngokombiko abasolwa kuthiwa bangena etevern eseZwelisha, ePienaar, baphanga abantu.
Ngesikhathi sebephuma babehlwayela ngenhlamvu.
Lokho kwaholela ekutheni kudubuleke izisulu ezintathu ezazingaphandle kwetavern.
Inqwaba eyasindayo yathuthelwa esibhedlela ukuzama ukuhlenga impilo.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



