Izindaba

INPA idikile umsebenzi ecaleni lokudlwengulwa kwaCwecwe (7)

Philasande Luthuli

Inhlangano ephenya amacala omphakathi iNational Prosecuting Authority (NPA) isinqume ukungabe isaphenya muntu ecaleni likaCwecwe.

Ibike ukuthi isizathu sokuthi bahoshe imfe wukushoda kobufakazi obungenza banqobe icala.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga edlule uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu wamemezela ukuthi abukho ubufakazi obubambekayo obubanganinda abasolwa ngecala.

“Ulibofuzo lwenziwa kumgilwa bathola kungekho ukunindeka ngolunye ulibofuzo kuyena,” kusho uMchunu.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwabanyakaza iNingizimu Africa ngonyaka odlule ngo-October ngesikhathi intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa ubudala kuzwakala ukuthi idlwengulwe ezinkundleni zemidlalo eBergview College, Matatiele, Eastern Cape.

Kwenzeka lokhu nje bese kusayine abantu abalelwa ngaphezulu kwa-673,564 ezinkundleni zokuxhumana ukuba uCwecwe athole ubulungiswa.

Kusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuba unina wale ngane echaze konke ngosekwenzekile, nalapho eveze khona intukuthelo ngendlela isikole ebifunda kuso esisingethe ngayo lolu daba.

Ekhuluma kwiPodcast njengoba naye oyisisulu sokuhlukunyezwa uthe isikole sehlulekile wukuveza umenzi wobubi nasekusizeni ngophenyo.

Uthe esikhundleni sokuziza isikole siqoke ukuthi sibanike incwadi yokuthi ingane iye kwesinye isikole, nakuba bebengazange bayicele njengomndeni.

UMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape waqoka ukuba lesi sikole sikhishwe ohlwini lwezikole.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button