
Umfundi waseBerea utholwe ikhanda selihlukene nomzimba
Sihle Mkhize
Itholwe isifile intombazane ebingumfundi weziqu zobuntatheli eBerea Technical College, eThekwini.
U-Asemahle Maqolo utholwe ehlathini ikhanda selihlukene nesidumbu amakhadi asebhange ayewaphathe esenhla kwekhanda lakhe.
Kwabikwa ngokunyamalala kwa-Asemahle owaduka enkabeni yedolobha iTheku ngomhla ka-27 ngenyanga edlule.
Ngesikhathi eduka u-Asemahle wayephume endlini ethi uyokwenza izinwele khona edolobheni.
Isidumbu sika-Asemahle oneminyaka engu-21 odabuka e-Eastern Cape, sitholwe ngoLwesine eSub 5, eClermont, entshonalanga yeTheku.
IPurpose ixoxisane nonina kamufi uZoliswa Maqolo obezwakala ukuthi ufe olwembiza ngokubulawa kwenkosazane yakhe.
“Utholwe ehlathini ikhanda nomzimba lihlukene, namakhadi asebhange enhla kwekhanda lakhe. Sizozwa namhlanje ukuthi idlwengulwe yini ingane yami ngaphambi kokubulawa,”
“Amaphoyisa athe angifike namhlanje (Lwesihlanu) esiteshini khona ngizothola okuningi,”
“Ubengumuntu othulayo ungasoze umuzwe ethetha ubehlezi ezihlalele endlini isikhathi esiningi,”
“Mhlawumbe ubephuma kanye ngenyanga nabangani. Ubengenalo isoka, ayenalo wahlukana nalo esase-Eastern Cape ngenxa yokuthi lona lahamba ukuyosebenzela eNamibia,” kusho unina kamufi.
Uthe akazi ukuthi uzomemeza bani kusabele bani njengoba noyise ka-Asemahle sewadlula emhlabeni usesele yedwa.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



