
Kuboshwe ushayasbhamu obulale abesilisa ababili
Jerome Thabethe
Usathuthumela uvalo nemanje umphakathi waseOdenfaalsrus kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe abesilisa ababili.
Oyedwa wabagilwa uneminyaka engu-23 kanti omunye ubeminyaka engu-24 ubudala ngesikhathi ebulawa.
Lesi sigameko senzeke ngeSonto ntambama nomhlaka 13 July eFree State
Amaphoyisa alunywe indlebe ngamanye amalunga omphakathi okuthe uma bezwa umsindo wokuqhuma kwesibhamu, abona ukuthi ayingangabo.
Abafike kuqala endaweni yesigameko babike ukuthi bahoangabezwe yizidumbu sezidindilizile.
Abantu bakuleya ndawo basola ukuthi umsuka wendaba wukuthi kube nengxabano ebephakathi komsolwa nabagilwa.
Lokho kuholele ekutheni umsolwa athathe isibhamu abadubule ephindelela kubagilwa abatholakale benamanxeba okudutshulwa ezifubeni.
Ngenxa yalesi sehlakalo sekuvulwe icala lokubulala ngenhloso.
Umsolwa kumanje ongakadalulwa igama lakhe useboshiwe, nophenyo luyaqhubeka.
Kulindeleke ukuthi avele enkantolo ephakeme yaser Odenfaalsrus ngoLwesibili.
Khonamanjalo, kuboshwe abavela emazweni angaphandle ngokwehlukana bebhadanywa nezidakamizwa ezibiza inani lasemgaqweni elingu-R53,3 million.
Kuthe ngeSonto ngezikhathi 13:45 emini abakwasidlodlo bagasela emzini thizeni eWestern Cape, Goodwood osemgaweni uMolteno.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uthe lo msebenzi ube yimpumelelo ngenxa yezinhloli endaweni.
“Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kuvundululwe u6kg weheroin otholakale kwelinye lamakhabethe endlini”
“Kube sekuboshwa owesilisa oneminyaka engu-32 noqhamuka eTanzania. Ube esebekwa icala yokutholakala nezidakamizwa ezingadayiswa uR 1 million” kusho uLieutenant Colonel Malcolm Pojie.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



