
Kubabhadanywe abokufika nezidakamizwa zika-R53,3 million
Philasande Luthuli
Kuboshwe abavela emazweni angaphandle ngokwehlukana bebhadanywa nezidakamizwa ezibiza inani lasemgaqweni elingu-R53,3 million.
Kuthe ngeSonto ngezikhathi 13:45 emini abakwasidlodlo bagasela emzini thizeni eWestern Cape, Goodwood osemgaweni uMolteno.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uthe lo msebenzi ube yimpumelelo ngenxa yezinhloli endaweni.
“Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kuvundululwe u6kg weheroin otholakale kwelinye lamakhabethe endlini”
“Kube sekuboshwa owesilisa oneminyaka engu-32 noqhamuka eTanzania. Ube esebekwa icala yokutholakala nezidakamizwa ezingadayiswa uR 1 million” kusho uLieutenant Colonel Malcolm Pojie.
Amaphoyisa adlulele kwelinye ikamelo lapho bethole ezinye izidakamizwa zeheroin ezingabiza uR16 000. Esikalweni ishaye u100.
Kube sekuboshwa owesilisa oneminyaka engu-28 odabuka eBurundi.
Uzobhekana necala lokutholakala nezidakamizwa.
Ngesikhathi abomthetho besamatasa nalaba solwa bathole umbiko wokuthi zimbiwe yinsele yazishiya kule ndlu.
Nebala bapequlule zonke izinto zabheka phezulu bavuka no145kg weTik no16kg weheroin ophahleni lwendlu.
Yona ibibiza uR53,3 million ngenani lasemgaqweni nokuthe uma sekuhlanganiswa izibalo kwaphuma uR54.3million.
Kulindeleke ukuthi labasolwa bavele ngoLwesibili enkantolo yeMantshi khona eGoodwood.
UKhomishana wesifundazwe sase Western Cape, uLt Gen (Adv.) Thembisile Patekile utuse kakhulu amalunga amaphoyisa alwisana nobugebengu, ukudayisa izidakamizwa nokushushumbisa abantu.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



