Izindaba

Isiphihli sengozi edlule nemiphefumulo eDokodweni

Bahle Mkhize 

IDLULE nemiphefumulo emibili ingozi yezimoto ezishayisene mahlanze emgaqweni uthelawayeka uN2 phakathi kwase Dokodweni nomfula uThukela.

Lesi sigameko esinyantsisa igazi zenzeke ngoLwesihlanu kusihlwa, kanti abezimo eziphuthumayo kwa-IPSS Medical Rescue basabele ngokushesha uma bebizwa kule nhlekelele.

Bafike behlome nangezindlawu njengoba kuphoqe ukuthi abanye abantu bakhishwe ezimotweni kusetsheniswa zona.

Kule ngozi akugcinanga ngokufa kwabantu ababili kodwa kuphinde kwalima kanzima abathathu kwathi oyedwa waba nemihuzuko nje.

Abalimele bathole usizo lokuqala endaweni yesigameko kanti iMandeni Fire Department, IPSS, neS&R basebenze kanzima ukukhipha imizimba ebivaleleke emotweni.

Kwenzeka le ngozi nje bekuphume izixweyiso ngezimvula ezinamandla ezingadala nezingozi njengoba imigwaqo ishibilika uma lina.

Sikhuluma nje kunesidumbu esiphumile njengoba imvula enamandla ibihlasele eMlaza ngoLwesihlanu.

Kuphinde kwalimala inqwaba kwadilika izindlu ngenxa yezikhukhula ezidalwe imvula elokhu ine njalo eKZN kusukela ngoLwesine.

Phakathi kwemindeni esale iyimitshingo ibethwa ngubani kuleli lokishi ehlala esigcemeni iChicago, kwa-AA section, J Section, ku Ward 78 ngaseskoleni KwaMgaga High School nakwezinye.

Ngomhla ka-23 April uMasipala weTheku wakhipha umbiko ngesexwayiso sezulu esikhishwe yiSouth African Weather Services (SAWS).

Lesi sibikezelo sezulu sakhomba ukuthi kuzoba nemvula enamandla elindeleke iKwaZulu-Natal yonkana. Idolobha laseThekwini lingelinye lezindawo ezichaphazelekayo ngalezi zimvula.

Le mvula iholele ekutheni imigwaqo nezindawo zokuhlala zigcwale amanzi, ikakhulukazi ezindaweni eziphansi.

Related Articles

Back to top button