
Libashonele omageza empompini ematekisini
APHELILE amahlathi okucasha kubashayeli bamatekisi abangayizindlavini nabeza emsebenzini bengagezile noma begqoke sengathi baya kohlakula emasimini.
Abashayeli ababhekene nemithetho enqala yokuziphatha abangangaphansi kwenhlangano iCarletonville Taxi Association, eGoli.
Ngokombiko weScrolla.Africa uma ufike emsebenzini uqhuba imbuzi uhlawula uR3000, ukuthula ngenhlamba umgibeli R1500 bese ujikiswa nelanga uhlezi ekhaya ungaholi kuze kuphele izinyanga ezingu-6.
Omangcola bababshayeli abaze baqanjwa ukuthi kmageza empompini uma befika renki bengimadakeni bazokhokhiswa uR1500.
Lo soseshini osebenza uze uyogamanxa kwi West Rand District eGoli uthi sekuyisikhathi sokuthi bona njengemboni bazinuke amakhwapha.
Lolu hide lwemithetho alubashiyi ngaphandle nalabo abafika emsebenzini bezihudulela ophaqa begqoke nezikibha kanti labo abangazihlanzi izimoto zabo bazohlawuliswa uR500.
Ayisaphathwa ke eyokubbana ngezandla phakathi kwamshayeli nozakwano noma nomgibeli icala elibovu lelo futhi inhlawulo yakhona uR1500.
Ngokusho kwenhlangano lemigomo nemibandela ebekiwe inhloso ukukhuphula izinga lale mboni enganyelwe abantu abamnyama, ukuphepha nokuzizwa usekhaya kuwo wonke umnntu.
Kuvele ukuthi akekho noyedwa umshayeli ophikisane nale migomo ababekelwe yona bonke bathe bazoyilandela.
Izinhlangano zamatekisi eGoli sekunesikhathi ziwuqalile lo mkhuba njengoba ngonyaka ka-2023 i-Alexandra Taxi Association yayalela abashayeli babo ukuthi abagqoke kahle ngale kwalokho bazophelelwa itoho.
Okhulumela le nhlangano uJabulane Ntshangase uthe konke kuqala kubashayeli okuyibo abangubuso bebhizinisi.