Izindaba

Isihluku kubulawa owesifazane ehamba nengane emotweni

Philasande Luthuli

Kubatshazwa isihluku kudutshulwa kubulawa ngentululwane yezinhlamvu owesifazane ngeSonto kusihlwa eDurban North.

Lo wesifazane oneminyaka ebalelwa ko-40 ubudala uhlaselwe eduze kwasemgaqweni uBlackburn, eParkhill.

Ubulawa nje ubehamba nengane emotweni nokho engalimalanga kodwa esale ithuke ngendlela eyisimanga.

Inkampani yonogada iMarshall Security Emergency Dispatch Centre ithi ithole ucingo ngezikhathi zabo-17:45 kuthiwa kusho inganono emgaqweni obhalwe ngenhla.

Onogada namalunga ayisipesheli bathi abapholisanga maseko banikela khona.

Uma befika bazithela kowesifazane edutshulwe kaningana kanti ushonele endaweni yesigameko ngaphakathi emotweni.

Amachaphazelo athole nomshayeli wesithuthuthu obezidlulela. Yena Kubikwa ukuthi uthola usizo lweNetcare 911.

Amaphoyisa iSAPS, awomkhandlu weTheku, nabezimo eziphuthumayo iNetcare 911 babuthane endaweni yesigameko.

Akwaziwa ukuthi yisona siphi Isizathu esiholele kulokhu kudubula kodwa amaphoyisa akazibekile phansi ayaphenya.

Eminye imininingwane izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi uma itholakala.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button