
Isigcwagcwa kuCardoso oshiye ngaphandle isithenjwa kwifinal
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, usezakhele isigcwagcwa.
Usethole ukugxekwa nangabalandeli ngokungamdlalisi umdlali wasesiswini uThemba Zwane oyinsika yeqembu.
UThemba Zwane akazange adlale ngesikhathi iSundowns iphoxeka seyithembile emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League ngeSonto.
ISundowns ishaywe ngo 3-2 sekuhlanganiswe imiphumela yiPyramids FC yase-Egypt ngeSonto ebusuku, kwaphela kanjalo ngephupho lenkanyezi yesibili.
Abaningi bakholwa ukuthi uThemba Zwane, owaziwa ngelikaMshishi ebholeni, ubengenza umehluko kulo mdlalo.
UThemba Zwane, oneminyaka engu-35 ubudala, useneminyaka engaphezu kweshumi edlala kwiSundowns futhi usengomunye wabadlali abaphambili eqenjini.
Nokho, ngaphansi kukaCardoso, ulizwa ngendaba ijezi. Selokhu ebuyile ekulimaleni kwesikhathi eside, uZwane usadlale imidlalo engu-12 kuphela kule sizini.
Ukungabi khona kwakhe kowamanqamu weChampions League kushye abalandeli bekhungathekile futhi bezibuza ukuthi kungani engadlaliswa.
Abaningi bakhala ngokuthi ikhono nesipiliyoni sakhe bekushoda kakhulu kulo mdlalo kwazise iSundowns beyiphelelwa amaqhinga uma ihlasela.
Lapho ebuzwa ngesinqumo sokungamsebenzisi uZwane, uCardoso ukugwemile ukunikeza incazelo eqondile.
“Ngiqonda ngokuphelele ukuthi hlobo luni lwempendulo oyifunayo noma oyibhekile.
“Kodwa manje akusona isikhathi sokukhuluma ngokudlala komdlali ngamunye.
“Leli qembu lihle kakhulu, baningi abadlali abasezingeni eliphezulu futhi kusobala ukuthi uThemba ungomunye wabo.”
UCardoso useke wancoma uZwane ngobuholi nomthelela wakhe, embiza ‘ngomdlali owuhloniphayo umsebenzi wakhe’ futhi ongumholi ozithobile.
Kodwa-ke, ukukhethwa kweqembu lakhe kwakamuva kuphakamisa ukuthi uCardoso akakholelwa nhlobo kuZwane.
Ikusasa likaZwane kule kilabhu manje libukeka lingacacile kahle njengoba ebukeka engekho ezinhlelweni zomqeqeshi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



