
Ixoxwa ngekhwela eyecala lokubulawa kwaSenzo Meyiwa
Kuthusile ukuzwa umphenyi wombuso ecaleni lokubulawa kwaSenzo Meyiwa ukuthi abakwazi ukuthola ulwazi lwemoto eyabopha uMuzi Sibiya ngoMay-2020.
Lokhu kuza emuva kokuthi ummeli kaSibiya u-Advocate Charles Mnisi eveze ukuthi amandla okuvikela umsolwa alele kuleli data.
Ummeli wombuso u-Advocate George Baloyi utshele inkantolo ukuthi bathole incwadi efungelwe evela kumaphoyisa kaMaspala wase-Ekurhuleni.
Incwadi ibazisa ukuthi bahluleka bancama ukuthola idata yemoto eveza ukuthi yayihamba kuphi kanjani.
Kuvele nokuthi imoto okukhulunywa ngayo yayihlelelwe ithimba leSWAT ngo-2020, kungaleso sizathu ingekho i-AVL (Automatic Vehicle Location) yangaleso sikhathi.
“Nkosi yeNkantolo kupeqululwe zonke izimoto kodwa akutholakalanga lutho,” kusho Baloyi.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli cala selidonse iminyaka lingapheli nesekuholele ekutheni kushintshwe iJaji, kwashona no-Advocate Thulani Mngomezulu.
UMngomezulu wayengummeli womsolwa wokuqala kuleli cala.
Abantu abashayeke kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni imindeni yabasolwa ngoba bebekholwa ukuthi uzobanqobela leli cala elibucayi ababekwe lona nabanye.
UMngomezulu wayevele ehamba nakho ukugula kodwa muva nje ubengasabonakali enkantolo ngenxa yokuxineka.
Icala liyaqhubeka eNkantolo enkulu yasePitoli.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



