
Bazowuchama bawuphuze abadakelwa emgaqweni ngePhasika
Bahle Mkhize
Sizoqina kakhulu isandla kwiziphulamthetho emgaqweni KwaZulu-Natal njengoba kubhekwe kumaholidi ePhasika.
UNgqongqoshe weZokuthutha nokuHlaliswa kwabantu uSiboniso Duma umemezele izindawo nokuthi izidakwa zizowuchama ziwuphuze kulokhu.
Izindawo eziseqhulwini kuhamba phambili eZakheni, Esikhawini, Newcastle, Pietemaritzburg, Nongoma, Umhlanga Rocks, Nongoma, Ulundi olumahlikihliki, Umtubatuba, Phoenix, Inanda, Umlazi, KwaMashu ukubala nje ezimbalwa lapho ezoqinisa khona isandla.
Kulokhu, amaphoyisa omgwaqo angaphezulu kuka-3483 azobe ebopha kwasani.
Kubalwa iRTI, Operation Shanela, Durban Metro, Umsunduzi kanye namanye koMasipala.
Amaphoyisa avela kuzwelonke angu-105 azoya Empangeni, Richards Bay, Pietemaritzburg nase Port Shepstone.
UDuma ufisele izakhamuzi, abazalwane abayokhonza, izivakashi kanye nabalandeli ukuphepha emgwaqeni.



