Izindaba

Uzithintele iziqandu uMasipala ngeBangladesh Market

Philasande Luthuli

Uzithintele iziqandu uMasipala weTheku unxenxa abantu ukuba bavakashele imakethe eyaziwa nge-Bangladesh, eChatsworth.

UMasipala ufuna kuzokwesekwa amabhizinisi njalo ngoLwesihlanu nangoMgqibelo kusukela ngo-7 ekuseni kuya ku-6 ntambama.

“Le makethe ingenye yangu-18 angaphansi kukaMasipala weTheku asungulwa ngenhloso yokweseka osomabhizinisi nokuthi bathole indawo yokudayisa ukuze bakwazi ukukhangisa ngemikhiqizo yabo”.

Kule makethe kudayisa imikhiqizo eyahlukahlukene, okubalwa izithelo nemifino, izingubo, izimbali, okokuhlobisa endlini, imidwebo nokunye okuningi” kubhala uMasipala kwisikhangiso.

Abantu bashiye abangalazi besola lo mkhandlu ngokuchema namazwe angaphandle ekubeni abanye bakulamazwe belapha ngokungemthetho.

Khanyisiwe Duma uthe: “Ngeke sikwazi, iBangladesh ayikho eMzansi, naze nasibukisa ngamazwe sibhekile… Ey niyakwazi ukuxova imimoya yethu, ikhona iSA Market eBangladesh? Ayingasekwa le makethe”.

UMasipala weTheku uziphendulela kuFacebook uthi: “Ziningi izindawo ezinamagama afanayo iBangladesh akusho ukuthi igama lendawo yangaphandle kphela”.

“Ey cha niyawafukamela niyabafukela abantu bokuhamba abangenamvumo, nize niqambe izindawo zala ngamagq alapho besuka khona. Nenza ngazo zonke izindlela ukubenza bazizwe besekhaya,” kugadla uNjabzin Njabs.

“Leli gama selisetshenziswe iminyaka eminingi kakhulu akulona elamanje,” kuzihlanguma uMaspala.

Related Articles

Back to top button