Izindaba

UTrump uhlokoloza u-Obama kwelobutabane

Sindiswa Nxumalo

UMongameli wase-United States, uDonald Trump, usole iqembu lezepolitiki likaMengameli wangaphambili uBarack Obama ngokuthi libuswa abantu “abakhohlakele” abakhuthaza abanye abantu baseMelika ukuba babe izitabane.

Uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko ngesikhathi ememezela ukumiswa kokuhlaselwa kwezindiza e-Iran.

Njengoba kubikwe yi-Aljazeera, uMengameli waseMelika uthe abanye abantu bayahlinzwa bashintshe ubulili babo besuka kowesilisa baya kowesifazane, kanti abanye besuka kowesifazane baya kowesilisa ngenxa yokuthi amaDemocrats akhuthaza i-LGBTQIA+.

U-Trump ugcizelele ukuthi, “iqembu lezepolitiki lamaDemocrats libuswa abantu abakhohlakele kakhulu”.

Kanti akusikhona okokuqala u-Trump ekhuluma inkulumo efana nalena esidlangalaleni.

Esikhathini esilinganiselwa kwinyanga nesigamu eyedlule, uTrump uke wagcona usomahlaya odumile uTrevor Noah ngobutabane waze wakhipha namazwi agxeka umcimbi wakhe i-Grammy Awards.

I-LGBTQIA+ iyisifinyezo esimele amaLesbian, amaGay, amaBisexual, amaTransgender, amaQueer, amaIntersex nabanye.

UMengameli uDonald Trump utshele izintatheli ukuthi akaqondi ukuthi kungani indoda ingaze yenze ukuhlinzwa ukuze ibe owesifazane noma owesifazane enze ukuhlinzwa ukuze abe owesilisa.

Kulesi sihlava sokuhlasela kwabathandana benobulili obufanayo, nomculi waphesheya uRihanna ulibambile iqhaza ekuhlaseleni uNoah ngamazwi alumelayo.

“UTrevor uyanqaba ukuphumela obala ekubeni endimeni kuyaziwa ngaye nesoka lakhe,” kubhale uNicki ku X.

Okwamanje akekho owaziyo ukuthi lolu daba luzophetha kanjani, futhi u-Obama akakaphumeli obala ezozichazela yena ngalolu daba.

Related Articles

Back to top button