
Bawotha ubomvu abeMarch and March ngesenzo samaphoyisa
Sindiswa Nxumalo
Umkhankaso weMarch and March oholwa nguJacinta Ngobese-Zuma ubhekane nezihibe ngoLwesithathu eThekwini.
Le mashi iqale eKing Dinuzulu Park nokuyilapho behlanganele khona ukuze kuqalwe lolu hambo noluze lwaphelela eHoy Park khona eThekwini.
Bathenjiswe ukuthi kuzofika uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi nokugcine kungenzekanga.
Ekuhambeni kwabamashi namaqembu epolitiki ayingxenye, bathe uma sebebheke ngasePhoyinti amaphoyisa abavimba.
“Imashi ayiye ngapha, hhayi ngapha,” kusho iphoyisa lidukisa abantu ukuze bengayi ePhoyinti.
Kanti amaqembu azepolitiki ahlukahluke abekhona kule mashi.
Awazithelanga ngabandayo amabutho kaZulu abeholwa uPhakelumthakathi Ndabandaba, kanye noMengameli wamaBhinca uNgizwe Mchunu azwakalise ukungenami ngesenzo samaphoyisa.
“Uma kumele silwe ukuze kubuye izwe lethu sizolwa,” kusho uPhakelumthakathi.
“UMalema ngeke aphinde alubhade la kwaZulu ngoba wadlala ngethuba lokuhola eselinikiwe,” kusho uNgizwe.
UNgizwe uphinde wachapha ngenhlamba iqembu le-EFF ngenxa yentukuthelo.
Wonke umuntu wamukelwe kahle inkinga ibe khona sekugibela uMnuz Thobelani uNcaphalala esiteji, abantu bavele bamuhhahhameza bengafuni nokumuzwa. Kusolakala umfaniswano we-ANC ukuthi yiwo omfakele isigcwagcwa.
UNcaphalala abaningi bazomkhumbule uke waba iMeya eMtubatuba waphinde waba uNobhala wesiFunda uMkhanyakude njengamanje usingethe ezezimali ebuholini be-ANC khona eMkhanyakude.



