
Inzukazikeyi eyezintombi ezigugela emakhaya
Sthembiso Shangase
Isilo samabandla wonke Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini uzwakalise ukungaphatheki kahle ngesimo sokuncipha kwabantu abaganayo ezweni.
OkaMdlokombane nakuba eyikhulume sakuntela lendaba kodwa ukuvezile ukuthi kuwumqansa ezinsizweni ezifisa ukuganwa waze waveza ukuthi kunesidingo sokuthi kuxoxwe ngale nkinga.
Okwamanje uma umuntu wesilisa edinga ukuganwa kufanele akhiphe ilobolo lezinkomo eziyishumi nenkomo ngaphezulu, bese kuba nezibizo ngaphezulu.
UMlando uveza ukuthi inani lezinkomo eziyishumi nanye lanqunywa yiNgisi uSir Theophilus Sherpstone uSomtsewu esewumbusi wezindaba zabomdabu kulesi fundazwe.
“Zinsizwa ngiyazi akulula ukuthatha amakhosikazi. Makhosi akithi kuyomele ke silucubungule lolu daba. Naba odadewethu begugela endlini”
“Ayi khona, angisakhulumeli abalapha ekhaya yonke imizi kaZulu siyakhala. Asibambisane, uma kukhona lapho kumele kuxegiswe khona” kusho iSilo”
Isilo besikhuluma ngesikhathi sesivala uMkhosi woMhlanga eMashobeni eMpakama ngaphansi koPhongolo ngeSonto ntambama.
Phakathi kwezinkulungwane zezintombi ezihamba umhlanga, kuye kuphakanyiswe lezo eseziceliwe nesezivalelisa ngoba seziyogana.
Isilo sibabaze isibalo esincane sasebephuma ukuyogana uma uqhathanisa nezinkumbi ezisasele.
Isilo sithi sifisa ke-kuxoxwe ngokwanda kwezintombi ezigugela emakhaya.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



