
Ikuphindile edume ngakho iBhakabhaka
I-Orlando Pirates seyiqophe umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukunqoba iMTN8 amahlandla amane kulandelana.
Lokhu ikwenze ngokushaya iStellenbosch FC ngo 2-0 kowamanqamu ukuvikela le ndebe yayo okwesine.
Nangesizini edlule yayishaye yona iStellies ngo 3-1 kowamanqamu sekusesikhathini esengeziwe njengoba kwenzekile nangoMgqibelo ebusuku.
Lo mdlalo obuseMbombela Stadium uphele zibambene ngo 0-0 ngemuva kwemizuzu engu-90, kodwa yavuka indlobane i-Orlando Pirates esikhathini esengeziwe.
Ishaye amagoli amabili asheshayo enze kwayiwa ekhefini lesikhathi esengeziwe seyihamba phambili ngo 2-0 – amagoli shaywe ngoTshepang Moremi noTshegofatso Mabasa abangene esiwombeni sesibili.
UMoreni ube eseshaya elesithathu esiwombeni sesibili sesikhathi esengeziwe, nokube yigoli elivele lacacisa ukuthi sekuyibhedele iStellies.
IStellies ngokwayo ibe nawo amathuba ikakhulukazi ekuqaleni kwesiwombe sesibili somdlalo, kodwa alikho nokho ebelicace kahle.
Ngemuva kokungenelwa amagoli amabili, bese kucacile ukuthi sekuyomele iphinde izame ngonyaka ozayo ukudla le ndebe.
Ukunqoba kwePirates kusho ukuthi isinezindebe eziyisithupha kumasizini amane kanti kusasele ezinye esangazidla.
Lisenethini.com
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



