Ezokungcebeleka

Uhlwithwe yinkolo umsakazi odikile iGagasi FM

ISITESHI somsakazo iGagasi FM, sibonge uDJ Vumar ogamalakhe langempela okungu Vuma Buthelezi, ogcine ewubeke phansi umbhobho kulo msakazo.

UVumar ubeshayela izinhlelo iSunrise Session phakathi nezinsuku, nolwango Mgqibelo ebusuku olubizwa ngeDance Cabin.

UVumar uqale kulo msakazo ngo-2012, ubephinde akwebhe amapuleti amakilabhini.

Ubeka phansi umbhobho nje uhlulwe wubizo njengoba engene ebufundisini wabumba ibandla elibizwa ngeHis Word Ministry International, elikhonzela esikoleni iDurban Primary School, eThekwini.

“Egameni lesiteshi, sithanda ukufisela uDJ Vumar okuhle kodwa kwinqubekela phambili yakhe. Iphimbo lakhe lizohlala likhumbuleka,” kusho u-Alex Mthiyane, oyi-Head of Audience Experience kulo msakazo.

UMthiyane uthi ngesikhathi uVumar efikelwa wubizo lokuba ngumfundisi, lo msakazo wamamukela ngokuthi umnike uhlelo lwezenkolo lwangeSonto, iSunday Gospel Show.

Waphinde wamgixabeza nolwaphakathi nezinsuku, nalo olugxile kwezenkolo, iSunrise Session.

UVumar uchazwe njengobehlale ezinikela, futhi ekukhuthalele ukungenela noma yimuphi umsakazi ongekho ohlelweni, futhi afike enze umsebenzi oncomekayo.

“Ngingene kulo msakazo ngiseyibhungu, ngachitha iminyaka ngifunda ngaze ngaba nesipiliyoni.

“Abantu engihlangabezane nabo ngokomsebenzi, ozakwethu nabaphathi bami, bagcine bephenduka abangani bami, kanti abanye ngangibukela kubona,” kusho uDJ Vumar kwabezindaba.

Uthe iGagasi FM liyohlale njalo lisenhliziyweni yakhe, futhi uyoqhubeka nokulibeka emithandazweni yakhe.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button