Izindaba

Awuzibekile phansi uMasipala ubopha abokufika

Liyah Mseleku

Uqale ngesasasa umkhankaso i-Operation Good Hope kuWadi 80 eMlazi, ezigcemeni zakwa-A, B, E no-V.

Lapha kuboshwe abanikazi bezitolo abathathu abatholakale bengenawo amaphepha okuba kuleli zwe.

Abanye bahlawuliselwe ukudayisa ukudla okudlulelwe yisikhathi, ukusebenzela ezakhiweni okungavumelekile kuhwetshwe kuzo, nokungalandeli imithetho yenhlanzeko.

Kuphinde kwalungiswa ingqalasizinda yamanzi neyokuthuthwa kwendle, imigwaqo, ugesi, kwaqoqwa imfucuza, kwanqunywa utshani, nokunye.

Lo mkhankaso, oqale ngomhla ka-15 Septhemba, ozogoqwa ngomhla ka-19 Septhemba, uholwa yihhovisi leSupply Side and Area Based Operations, eMlazi.

Khonamanjalo, ziyaqhubeka izinhlelo zokukhuculula i-Albert Park nezindawo ezisondelene nayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi le paki ibisisatshwa kwazise ibisihlala amaphara abamba abantu inkunzi.

IKhansela uProtus Mngonyama uthe ukutshalwa kokudla, ukwakha amathuba omsebenzi kanye nokuqinisekisa ukuphepha komphakathi yikhona okusemqoka.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button