
Injabulo kubalandeli uMr Magic ebuyela emoyeni
Kwande kaZikiza
KUFUZE ukuthi zizojabulisa abathandi bomsakazo izindaba zokuthi lowo owayeyisilomo oKhozini FM uLinda “Mr Magic” Sibiya usezokwakala emoyeni.
USibiya usanda kumemezela ukuthi usesungule iLinda Sibiya Podcast lapho abalandeli bakhe bezomlalela ngokungena kwi-internent bambuke noma inini.
Selokhu axoshwa oKhozini FM ngo-2014 ngezinsolo zenkohlakalo, sikhulu isililo ngokuhamba kwakhe emsakazweni. Wazakhela igama ngokusakaza ngobuchule nangengosi evusa ithemba nekhuthazayo ayeyenza nomfundisi uSthembiso Zondo.
Ephawula ngalesi sinqumo sakhe sokusungula ipodcast, uSibiya uthe:
“Ngesikhathi ngisewumsakazi ngasiza inqwaba yabasakazi engabacathulisa bagcina sebengondabuzekwayo. Kodwa bengihlale ngibuzwa abantu ukuthi kanti mina ngibuya nini ekusakazeni. Ukusungula le podcast yingoba angifuni ukuqhelelana nabalandeli bami. Iqiniso lithi ngiyathanda ukubuyela embhobhweni kodwa isikhathi asikafiki. Ngikholwa ukuthi kusekhona okukhulu engingakwenza emsakazweni. Abantu bakithi baphila nezingqinamba eziningi kulesi sikhathi samanje kanti ngikholwa ukuthi ukungilalela kungabasiza kakhulu,” kusho lo msakazi odabuka eShowe nobuye abe ngusomabhizinisi.
I-SABC ephethe uKhozi FM yamxosha ngemuva kwezinsolo zokukhwabanisa imali engu-R1.8m enkampanini u-Edcon. Leyo mali kwakuhlelelwe ukuthi enze umcimbi wokubungaza izinkakha zabasakazi balo msakazo wesiZulu nobalwa nemikhulu emhlabeni jikelele.
Ngesikhathi eseshiyile oKhozini FM, uke wathi xhinti kwiVuma FM, okuyisiteshi somsakazo owenza inzuzo oseMhlanga. Uke waqeqesha abasakazi beMvula FM okuwumsakazo otholakala ku-online waseNewcastle.
Njengamanje ungelinye lamalungu okuqina leqembu lepolitiki i-Economic Freedom Fighters.