Kumnyama kubadlali be-Orlando Pirates abalengelwa izembe
LISAKHALA izembe kubabadlali be-Orlando Pirates njengoba sekuvele izindaba zokuthi kunabadlali abalandelayo.
I-Orlando Pirates idedele uKermit Erasmus, uFortune Makaringe, uSiyabonga Mpontshane, uRichard Ofori noThabang Monare.
Okungenani abathathu kulaba bangathathwa ngokuthi bebengaconsi kubalandeli beqembu.
Yingakho kumangazile ukukhululwa kwabo, kodwa ngokubika kweSoccer Laduuma kusenabanye abangase bashiye abalandeli bekhala uma sebededeliwe.
“Abantu basehhovisi basebenza kanzima kulolu hlu lwabadlali abazoshiya iqembu,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Akulula, kodwa kuzoba nokulungiswa kabusha kweqembu ekupheleni kwesizini.
“Iningi labadlali abaphelelwa yizinkontileka ngeke zivuselelwe njengoba iqembu libheke ukuletha abadlali abasha.
“Ngokwazi kwami, iningi lalabo abalulelwa izinkontileka ngesizini edlule, kwengezwa isizini eyodwa ngeke bahlale,” kuqhuba lo mthombo wabo.
U-Deon Hotto, okuthiwa nguyena mdlali ohola kahle kunabo bonke kwiPirates, nesihlabani sasesiswini uMonnapule Saleng babe ngabadlali abavelele kulezi zinyanga ezingu-18 ezedlule.
Isizini ka-2023-24 mhlawumbe bekungeyona enhle kuSaleng ngokwezinga lakhe, kodwa ukwazile ukuqhamuka nezisombululo uma edingeka enkundleni.
Ubedonsa kanzima ukuthola ijezi yize ayeyisihlabani esinofakazi ngesizini ka-2022-23 lapho ehlohle khona amagoli angu-15 kuyo yonke imiqhudelwano.
Khonamanjalo, uVincent Pule udonsa kanzima ngenxa yokulimala.
Bobathathu bangase balishiye leli qembu, belandelwa uLesedi Kapinga owayedlalela iMamelodi Sundowns.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ubenemidlalo eyisishiyagalombili kuphela yeligi ngesizini yakhe yokuqala kwiBucs.
IPirates kumele ibe seyilihlonzile iqembu layo ngaphambi kohambo lwayo lwaseSpain la izoba khona nekhempu yokulungiselela isizini.
Izoba nomdlalo nelinye lamaqembu ahlonishwayo kuleliya lizwe, iSevilla edlala kwiLaLiga.
Lisenethini